IROYAL AM itonyulwe “neziqhwaga” zebhola lase-Afrika, i-TP Mazembe yaseDemocratic Republic of Congo (DRC), ngesikhathi kuqhathwa umzuliswano wokugcina kweyokuhlunga ngaphambi kokuqala kweyamaqoqo yeCaf Confederation Cup.
Izolo emini ekomkhulu leCAF, eCairo, kuqhathwe amamqembu angu-32 okuzophuma kuwona angu-16 azodlulela kweyamaqoqo.
Le midlalo izoba eyasekhaya nasekuhambeni ngoNovemba 2 noNovemba 9.
IThwihli Thwahla edlule kwiZesco United yaseZambia esigabeni esidlule, izoqala ekuhambeni neMazembe eyaziwa ngokuba izigayigayi zebhola lase-Afrika.
Sekujwayelekile ukuthi amaqembu akuleli uma eya eDRC abuye ekhala ngempatho athi ayikho ezingeni, uma evakashele ekhaya leMazembe.
I-Orlando Pirates, Mamelodi Sundowns naMaZulu FC muva nje, babuye bengafuni lutho e-DRC bekhala ngempatho “engamukelekile” abayithole kwiMazembe.
Ngesikhathi Usuthu luvakashele iMazembe ngesizini edlule kwiChampions League, iqembu lakuleli labuya likhala ngokuhanjiswa ngebhasi elingekho ezingeni. Eminyakeni edlule, kwakubuka izwe, iPirates ivika, ukwenzelela kukanompempe, ibhekene neMazembe ekhaya layo, eLubumbashi. Abalandeli baleli qembu bayaziwa ngokungawubambi umshini njengoba izitha zihhewula umdlalo uqala, uze uyophela.
Okungaba yikhona ebambelela kukona iRoyal AM ukuthi izoqala ekuhambeni bese iba nethuba lokuwuqedela ekhaya umsebenzi uma ikwazile ukumelana nensimbi eshisayo ehlale ibikwa amaqembu akuleli uma evakashele iMazembe.
IMazembe isemaqenjini awu-16 ahlulwe kwiCaf Champions League, ase ehlela kwiConfederation Cup. Ukuhlulwa kweMazembe iVipers Sports Club yase-Uganda kwiChampions League, kucasule usihlalo wayo uMoise Katumbi. Uxoshe lonke ithimba labaqeqeshi ebeliholwa uFranck Dumas, waseFrance, nabo bonke abasezikhundleni eziphezulu. Kusale unobhala weqembu kuphela, uHilarie Kabila. Lokhu kungatolikwa ngokuthi uKatumbi, ulindele ukuzithoba amanxeba ngokuthi iqembu lakhe lihambe ibanga elide kwiConfederation, lokho okusho ukuqala ngokugudluza iRoyal AM.
Elinye iqembu lakuleli iMarumo Gallants liqhathwe ne-Al Ahly Tripoli yaseLibya.
ICape Town City ewele kulo mqhudelwano kulandela ukukhishwa kwayo iPetro de Luanda yase-Angola kwiChampions League, izobhekana ne-USMA yase-Algeria.
KwiChampions League lapho i-PSL imelwe khona iSundowns, eyamaoqo yakhona izoqhathwa ngenyanga ezayo.