IPOLOKWANE City FC ikhuphukele kwiDStv Premiership kulandela ukudla kwayo isicoco seMotsepe Foundation Championship ngeSonto ntambama, ngokunqoba ngembudlu ka-4-0 kwiPretoria Callies, emdlalweni wokusonga lesi sigaba.
Leli qembu laseLimpopo ligcine lidla lesi sicoco ngamaphuzu angu-57 okuyisibalo esilinganayo neCape Town Spurs, elale isibili kodwa esele kakhulu kwiPolokwane ngokwezibalo zamagoli.
Kuyiwe emidlalweni, iSpurs kuyiyona ephambili ngamaphuzu awu-56, ibidinga ukunqoba kwi-University of Pretoria kodwa ekugcine umdlalo wabo obuseKapa, uphele ngo-1-1.
Ngesikhathi imidlalo iya ekhefini, iPolokwane iyona ebiqhwakele kwazise ibihamba phambili ngamagoli amane eqandeni.
Nakuba ibibambene ngamaphuzu neSpurs ngalesi sikhathi kodwa ibiqhwakele ngenxa yezibalo zamagoli ezingcono.
Kwenzeka konke lokhu nje, koweSpurs ne-University of Pretoria, akucaci ukuthi ilona liphi iqembu elizothola kuqala igoli kwazise belomisile ngokwamathuba kodwa obekuqapheleka ukuthi umdlalo ubumiswa njalo.
Kuqale ngebatha kwiCasric Stars FC, engene enkundleni isendaweni yesibili, ezithole isilandela kwi-All Stars ngamagoli amabili kwelilodwa ngaphambi kokuthi ziye ekhefini okungumphumela obekuwaqeda nya amathemba namathuba ayo okukhuphukela lapho kunoju khona.
Igcine ilinganisile iCasric umdlalo wayo ugcine uphele zibambene ngo-2-2 ne-All Stars FC.
Obekucaca esiwombeni sokuqala ukuthi ezikaShaun Bartlett, beziyingozi kumakhona nakuma-freekick kuphela kwazise umoya ubuvunguza ngamandla njengenjwayelo eKapa.
I-freekick kaSamuel Julies, esiwombeni sesibili ithulise i-Athlone Stadium, ngegoli ebelicacisa ukuthi sekuzoba umqansa uma kungukuthi iSpurs izoqeda iqhwakele.
Nakuba iSpurs igcine ilinganisile ekugcineni kodwa izibalo zamagoli ziyishayile yabuyela kanjalo lapho kunoju khona iRise and Shine edliwe izembe esigabeni esikhulu kumasizini ngesizini ka-2019/2020. Ngaphezu kokuthola ithikithi lokubuyela kwiDStv Premiership, iPolokwane ihlomule ngesheke likaR5 million wokuba ngompetha beligi.
ISpurs neCasric ngokuqeda endaweni yesibili neyesithathu sebezodlala eyokuhlunga neqembu lePremiership elizoqeda endaweni ka-15 kwi-log. Imidlalo yokuhlunga izoqala ngoMeyi 28 isonge ngoJuni 14.