Kaizer Chiefs (1) 2
Orlando Pirates (3) 3
IZINKUNZI zaseSoweto, iKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates, zibageze igilo abalandeli baseThekwini zishaya into ecokeme emdlalweni wokuvula isizini weDStv Diski Challenge eKing Zwekithini Stadium, eMlaza, ngeSonto.
Amagoli eChiefs ashaywe nguMduduzi Shabalala noWandile Duba esiwombeni ngasinye. AwePirates abekwe enethini nguRelebohile Ratomo amabili noSamukele Kabini esiwombeni sokuqala.
Kade kuwumdlalo wokuqala womqeqeshi weZimnyama uJoseph "Dukuduku" Makhanya ongene endaweni kaMandla Qhogi. Ngaphandle kwalezi zinguquko, iPirates ifake obengunozinti esikimini esikhulu, uWayne Sandilands ukuba ngumqeqeshi wonozinti.
Indlela amaqembu adlale ngayo bekukuncane, obekukhombisa ukuthi kusewumdlalo wokuqala wesizini. Inkundla ebikade igcwele, ifudunyezwe ngomakhelwane baseTswane, iSuperSport United neMamelodi Sundowns abebephuthumana kukhale amakhwela.
Ukuwina kwePirates kuyibeka ethubeni lokubalwa namaqembu azihola phambili. Ngesizini edlule iPirates ihlale esicongweni isikhathi eside kodwa yahluleka ekugcineni ukuwina iligi, egcine ithathwe yiStellenbosch FC.
Enkundleni, iChiefs iqale ngegiya eliphezulu, ifuna izintuba odongeni lwasemuva lwePirates kodwa ihluleka. IPirates yiyona eshaye igoli kuqala ngesikhathi uRatomo ejezisa iChiefs kulandela iphutha phakathi kukanozinti nomdlali wasemuva. IChiefs iqhubekile nokuphatha umdlalo. Ishaye igoli lokulinganisa ngomzuzu ka-17, bekuyikhona kaMduduzi Shabalala. Sekusele imizuzwana kuyiwe ekhefini, uRatomo noKabini bashayele iPirates amagoli amabili asheshayo.
Esiwombeni sesibili, iChiefs ibuye yahlasela kodwa iPirates ingasafuni lutho emuva. IChiefs igcine ilitholile ngesikhathi uDuba engqofeka phakathi ibhola eligotshwe kwesokudla
Nakuba imidlo yeDiski iqale ngegiya eliphezulu, oweMaritzburg United neTS Galaxy uhlehlisiwe ngenxa yenkinga yenkundla iSolomon Mahlangu Stadium, eMpumalanga.
Imiphumela yemidlalo yeDStv Diski Challenge:
Stellenbosch 2-3 Cape Town City; AmaZulu 1-0 Lamontville Golden Arrows; SuperSport United 1-2 Mamelodi Sundowns; Royal AM 0-0 Chippa United; Sekhukhune United 2-0 Marumo Gallants; Swallows 0-0 Richards Bay FC; Kaizer Chiefs 2-3 Orlando Pirates.