Orlando Pirates 3-1 Lamontville Golden Arrows
I-Orlando Pirates ivikele isithunzi seSoweto ibhulela amasaka iLamontville Golden Arrows eyihlafune ngo 3-1 emdlalweni weDStv Premiership e-Orlando Stadium, eSoweto ngoMgqibelo ntambama.
Amagoli okunqoba ePirates angene elandelana sekuvalwe amehlo ngesiwombe sesibili ebaselwa nguTerrence Dzvukamanja noVincent Pule.
Eqinisweni elikaPule, lingene sekulindelwe ukuthi ikhale noma yinini indweba yokuqeda umdlalo.
Nalo elikaDzvukamanja, lishaywe ngesikhathi sikanondweba.
Bobabili laba badlali bangene ngesiwombe sesibili.
Elokuqala elingene ngesiwombe sokuqala, lishaywe nguMonnapule Saleng, owakhe nelikaDzvukamanja.
Kube ngomunye weminyakazo kaSaleng ezomfaka agxile embangweni womdlali ovelele ekupheleni kwesizini.
Eqinisweni, kusenguye kuphela imbangi yabadlali beMamelodi Sundowns kulo mklomelo.
I-Arrows ibike ngelikaVelemseni Ndwandwe, naye ongene ngesiwombe sesibili.
Eqinisweni uNdwandwe wenze okungandele bani kwazise igoli ulibasele enetheni elithinta okokuqala ngqa ibhola.
Ukunqoba kwePirates izolo, kuvikele isithunzi seSoweto ngokuthi omkhaya bayo, iKaizer Chiefs, ngoLwesihlanu bathelwe ngehlazo ngomkhaya be-Arrows - AmaZulu FC.
IChiefs iguqe ngo 4-0 olula kuMaZulu abgwaza ibhece ecimezile emdlalweni weligi obuseMoses Mabhida Stadium.
Akukholakali ukuthi kulwo mdlalo zishintshe kungu 3-0 osebhodini.
IChiefs igeje iphenathi. Bekunguqondana kwezinto nje ukuthi kube yimpelanto yempi yamaqembu aseThekwini nawaseSoweto.
Ngaphezu nokuvikela isithunzi seSoweto, ukunqoba kwePirates kuyiphungulile nengcindezi ebhekene nomqeqeshi wayo, uJose Riviero, ezingamhambeli kahle izinto kusuka enqobe iMTN8.
Kube ngesifanayo nakuRomain Folz ocija AmaZulu.
Le miphumela iqinisekise ukuthi womathathu la maqembu anomlando ebholeni laseNingizimu Afrika -AmaZulu, iPirates neChiefs- bajahana eduze esixhantini samaqembu ayisishiyagalombili aphezulu.