ULINDELE umdlalo onzima kodwa ohlukile uma sebebhekene ne-MC Alger emlenzeni wesibili we-quarterfinal yeCaf Champions League, umqeqeshi we-Orlando Pirates, uJose Riveiro.
Ezimnyama zinqobe ngo 1-0 eStade du 5 Juillet, e-Algeria. Igoli lishaywe nguMohau Nkota maphakathi nesiwombe sesibili.
Iqembu likaRiveiro yilona lodwa elinqobe ekuhambeni kule milenze yokuqala yama-quarterfinal eCaf Champions League.
Kweminye imidlalo, iMamelodi Sundowns iwine ngo 1-0 kwi-Esperance ekhaya, i-Al Ahly yaguqisa i-Al Hilal ngo 1-0, kwathi iPyramids yaxebula i-AS FAR ngo 4-1 ekhaya.
“Besazi ukuthi sizothwala kanzima nokuthi besingeke sidlale ngendlela esijwayele ukudlala ngayo uma siphethe ibhola. IChampions League ihlukile, ikakhulukazi uma usekuhambeni. Besibulindele bonke ubunzima," kusho uRiveiro.
Lo mqeqeshi uthe nakuba kubajabulisile ukubuya e-Algeria negoli elimqoka lasekuhambeni, basanenselelo yokuphinde badlale kahle ekhaya ukuze badlulele kowandulela owamanqamu.
EzikaMagebhula zinerekhodi elihle kuyona yonke imiqhudelwano uma zidlalela ekhaya kule sizini.
Azikaze zishayelwe e-Orlando kwemihlanu yeCaf Champions League, kwemine yeMTN8 nowodwa weNedbank Cup.
KwiBetway Premiership zisanqotshwe kanye emidlalweni engu-10 ziguqiswa yiStellenbosch FC. KoweCarling Knockout zikhale ngaphansi kwiMagesi FC.
Lokhu akubuzwa ukuthi kuzokwenza iPirates ingene enkundleni izethemba uma isiqhuthana ne-Alger kowomlenze wesibili e-Orlando Stadium, eSoweto, ngoLwesithathu, ngo-6 ntambama.
“Sisadlale umlenze wokuqala kuphela, kufanele sidlale owesibili e-Orlando. Siyazi ukuthi kungenzeka noma yini. Kumele sizimisele ekhaya kodwa ngicabanga ukuthi siyiqale ngendlela efanele le-quarterfinal,” uqhube kanje uRiveiro.
“Kuyiqiniso ukuthi ukushaya igoli ekuhambeni kubaluleke kakhulu kulo mqhudelwano kodwa sisamelwe ngeminye imizuzu engu-90 e-Orlando. Imiphumela yebhola ayiqageleki. Ngikholwa wukuthi nomdlalo wesibili usazoba nzima kodwa ngiyethemba ukuthi sizophinde sibe ngcono kunabo."
Njengoba iMC Alger ivumele iPirates ukuthi iyishayele ekhaya, idinga ukubuyisa izinduku e-Orlando ukuze ibe sethubeni lokudlulela kowandulela owamanqamu. Uma umdlalo uphela zibambene noma kunqoba iPirates, iqembu lase-Orlando yilona elizodlulela phambili.
Okunye okubeka iPirates ethubeni wukuthi i-Alger idlale ngokulingana kuyona yomithathu imidlalo yasekuhambeni esigabeni samaqoqo seChampions League.