SuperSport United (1)3
Orlando Pirates (1)1
KUNYOMFEKE uKhisimusi wabalandeli be-Orlando Pirates eyehlulwe yiSuperSport United emdlalweni weDStv Premiership ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane, ngoMgqibelo ebusuku.
IPirates ibekwe phambili nguFortune Makaringe kusanda kuqala umdlalo. ISuperSport yaphendula ngamagoli kaShandre Campbell amabili nelikaBradley Grobler esiwombeni ngasinye.
IPirates ingene enkundleni ibheke ukuqhubeka nomgqigqo wakamuva wokuwina imidlalo, igudluze iSuperSport endaweni yesibili kwi-log yePremiership. Kade ishayela phezulu kulandela ukuwina imidlalo eyisihlanu kweyisithupha yeligi yakamuva.
Amatsatsantsa abebheke ukuwina umdlalo wesithathu kulandelana, okuyinto ewahlulayo kule sizini. Ukulinyalelwa ngabadlali basemuva komqeqeshi uGavin Hunt kumphoqe ukuthi adlalise abafana abancane maphakathi emuva okungu-Ime Okon noBilal Baloyi osuka eqenjini leDStv Diski Challenge.
Ukwehlulwa kwePirates kusho ukuthi isahlezi endaweni yesithathu ku-log yePremiership futhi isele ngamaphuzu ayisishiyagalombili kwiMamelodi Sundowns ezihola phambili ngawu-33 emuva kwemidlalo engu-11. Amatsatsantsa ashaywa wumoya endaweni yesibili kwazise asevule igebe lamaphuzu amane phakathi kwawo nePirates.
Enkundleni akuthathanga isikhathi eside, iPirates yabuveza ubuthaka bodonga lweSuperSport ngesikhathi uMakaringe evalela phakathi ibhola ebeligingqwe nguDeon Hotto kwesokunxele ngomzuzu wesihlanu. Emuva kwaleli goli, iSuperSport iqhubekile nokuhlasela kodwa kade ihluleka uma isifike phambili. Kugcine kuyilungele ngomzuzu ka-36 ngesikhathi uCampbell evalela phakathi ibhola ebeligotshwe nguGrant Margerman kwesokundla.
Esiwombeni sesibili, iSuperSport iqhubekile nokuwuphatha umdlalo kodwa ihlulwa wudonga lwasemuva lwePirates. Ngomzuzu ka-56, uGrobler ushayele Amatsatsantsa igoli lesibili ngesikhathi engqofela phakathi ikhona kaCampbell. EZimnyama zicishe zaphendula ngomzuzu ka-66 ngesikhathi ibhola likaZakhele Lepasa livinjwa seliyongena ngu-Okon, esesele unozinti uRicardo Goss. Ngesikhathi eZimnyama zihlasela ziphindelela, unozinti wazo uMelusi Buthelezi uzame ukujika uCampbell kodwa wamephuca ibhola, walivalela enethini ngomzuzu ka-74
IPirates izovala unyaka neStellenbosch emdlalweni weligi ozoba seDisemba 29 e-Orlando Stadium, eSoweto. Amatsatsantsa azoyivala eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, neRichards Bay FC ngoDisemba 30.