Moroka Swallows (1) 1
Orlando Pirates (0) 1
I-ORLANDO Pirates iziyekele ithuba lokuqinisa amathuba ayo okusondela endaweni yesibili kulandela ukucazelana kwayo ngamaphuzu neMoroka Swallows emdlalweni weDStv Premiership ngoLwesithathu ebusuku eDobsonville Stadium, eSoweto.
EZimnyama zibalwa namaqembu alwela ukuthola indawo yesibili uma sekusongwa isizini ukuze azibekisele indawo kwiCaf Champions League ngesizini ezayo. Nokho ukuqhubeka kwazo nokulahla amaphuzu kwenza kubukeke kuzoba wumqansa ukugudluza amaqembu angaphezulu kwazo. Zidedele amaphuzu koweSwallows nje, ngempelasonto edlule zijabhise abalandeli zehlulwa yiSekhukhune United.
KowangoLwesithathu inkundla ivulwe yiSwallows ngegoli likaLindokuhle Mtshali esiwombeni sokuqala kwalinganisa uPatrick Maswanganyi kwesesibili.
Lo mdlalo uphele iPirates ingasaphelele kulandela ukukhishwa ngekhadi elibomvu kukaNkosinathi Sibisi.
Bekubalulekile ukuthi iPirates iwuqale ngamandla umdlalo kwazise ibiphuma endukwini.
Nakuba iSwallows ibisihlale kusukela ngoNovemba nyakenye ingayazi iwini, ikuguqulile lokhu ngeCape Town Spurs ngempelasonto kwewunqobe ngo 1-0, kaGabadinho Mhango. UMhango akadlalanga kowePirates ngenxa yezigwebo zamakhadi.
Iphutha likanozinti wePirates, uSipho Chaine, umdlalo usuka ngakho kodwa licishe lanika iSwallows isipho kodwa lo nozinti wasinda engozini.
Nakuba inkundla ibishelela kodwa iPirates isheshe yalidlulisa iphutha likaChaine kwaba iyona ezenzelayo ebholeni ifika kulandelana kuDaniel Akpeyi obevimbele iqembu lasekhaya.
Umdlalo uhambe ngomgqigqo owodwa kukhonya iPirates kodwa ingeyona kangako ingozi kwiSwallows kwaze kwaba umzuzu ka-27 lapho uMtshali ebeke khona phambili iqembu lasekhaya kulandela iphutha likaChaine.
Emuva kokungena kwaleli goli iSwallows ibisizinze ngokukhululeka emuva kwaze kwaba kuyiwa ekhefini yize iPirates ibilokhu izame njalo.
Kusobala ukuthi noma ngabe yini umqeqeshi wePirates, uJose Riveiro, ayitshele abadlali bakhe isebenzile ngoba uMaswanganyi ubuyisele iPirates emdlalweni kulandela ibhola elihle likaThabiso Libitso ngomzuzu ka-52.
Maningi amathuba ayekwe yiPirates emuva kokulinganisa okukhona kuwona negoli likaThalente Mbatha eliphikwe kungafanele.
IPirates isibambe indawo yesine kwi-log ngamaphuzu angu-34. Iqembu elisendawni yesibili njengamanje iStellenbosch FC ngawu-38.