INKAKHA namanje okusakhulunywa ngayo ngokuhlohlwa kwamagoli kwiPremier Soccer League (PSL), uManuel “Tico Tico” Bucuane, isola izwe layo iMozambique ngokubukela phansi iCosafa Cup.
IMozambique ayikaze iyinqobe iCosafa yize isiyidlale iminyaka engaphezulu kwengu-20.
UBucuane, ongumshayimagoli obedlula bonke emlandweni weqembu lesizwe laseMozambique, uzwakalise ukuba namahloni ngendlela iMambas ephuma kalula ngayo kulo mqhudelwano minyaka yonke.
“Mhlawumbe eminyakeni edlule iCosafa besiyibuka njengomqhudelwano wokuveza amathuba okudlalela iqembu lesizwe kubadlali abathembisayo kodwa izikhathi ziyashintsha,” kusho uBucuane.
“Ngezikhathi zethu yebo bekuwumqhudelwano wokuziveza njengoba ubufakazi busobala kodwa sezishintshile izikhathi.
“Angifuni kube sengathi ngiyagxeka kodwa amazwe aseyidlala ngezikwati eziqinile iCosafa. Sekuvamise ukuthi baphume khona futhi abadlali abagcina sebeyizithenjwa emaqenjini amakhulu amazwe.
“Kuningi osekugcono ngeCosafa njengokwanda kwabaxhasi futhi wonke amanye amazwe ayakusebenzisa lokhu kodwa elami izwe ngathi lisasalele emuva kakhulu.”
Nakule Cosafa eqhubeka eThekwini njengamanje, iMozambique iphume kweyamaqoqo obekungumqhudelwano wayo ka-21.
Kuwumlando omuhle ukuthi iMozambique ibe ngelinye lamazwe angakaze eqiwe yiCosafa kusukela yasungulwa.
Lo mgadli ogqame kwiJomo Cosmos ngaphambi kokudlalela iSuperSport United, Maritzburg United ne-Orlando Pirates, ungesinye sezimenywa eziqavile kwiHollywoodbets Cosafa Cup esisezingeni lowandulela owamanqamu eThekwini.
Ngesikhathi ekhuluma neCosafa TV, uBucuane obalwa nabagadli abayingcosana abanamagoli angaphezulu kuka-100 kwiPSL ukhale kakhulu ngendlela izwe lakhe elibuka ngayo lo mqhudelwano.
“Amazwe asewusebenzisela ezinye izizathu ezinezithelo lo mqhudelwano kodwa thina sisami ndawoye,” kusho uBucuane.
“Sekuwumlando ongaziqhenya ngawo manje ukuwina iCosafa. Yingakho amazwe esefika nezikwati eziqinile njengoba kusobala nalapha eThekwini.”
Kusukela ewabeke ethala amakhokho uBucuane uthi umatasa nesikole sakhe sikanobhutshuzwayo ngakubo eMaputo.
“Kusukela ngibuyele ekhaya ngiqale isikole sami esisankulisa yebhola. Ngihlose ukuvukuza amanye amakhono ngoba ubufakazi bukhona ukuthi ithalente liningi bukhona,” kusho uBucuane.
“Kungumsebenzi onzima nokho futhi onezingqinamba eziningi kodwa okuyiyona ehlale iseqhulwini yimali ngoba konke okudingekayo kuyathengwa.
“Izakhiwo nezinkundla esizisebenzisayo zingaba sezingeni elingcono uma kungabakhona abafaka isandla ngoba siyasidinga.”