ABADLALI basesiswini be-Orlando Pirates, yibona okufanele bazinuke amakhwapha ngokugqoza kwamagoli emidlalweni yeDStv Premiership yaleli qembu, ngokubona kwenkakha yalo eyayingalibheki ipali, uBruce Ramokgadi.
Ukugqoza kwamagoli kwiPirates kusukela kuqale isizini, sekwenze yashintsha ngisho indlela abalandeli beqembu abebelibuka ngayo ngaphambi kokuthi iqale.
Bekunomuzwa wokuthi iPirates yiyona engaphazamisa isitimela seMamelodi Sundowns esesishosholoze nesicoco seligi kwiPremier Soccer League (PSL) amasizini amahlanu elandelana.
Imiphumela yakamuva kodwa ikhomba okunye njengoba iBucs isaphumelele ukushaya amagoli ayisithupha kuphela, emidlalweni eyishumi yeligi.
Emidlalweni yakamuva, isilahle amaphuzu amahlanu, umqeqeshi wayo uJose Riveiro abenethemba lokuthi bazowathola njengoba bekubuywa ekhefini leFifa, ayethe bayalidinga ukulungisa izinto.
IBucs iqale yashaya iSekhukhune United, yalandela ngokubanjelwa ekhaya yiRichards Bay ngo 0-0 ngempelasonto.
URamokgadi ukuphikile ukuthi ukulimala njalo kukaThembinkosi Lorch, kunomthelela ekugqozeni kwamagoli kwiPirates. ULorch ungomunye wezithenjwa zePirates, oke ayisize ekwakheni sanekushayweni kwamagoli.
“Ngeke ngivume ukuthi ukulimala kukaLorch kunomthelela kokwenzeka kwiPirates ngoba (leli qembu), ngisho emlandweni beliba nazo izihlabani kodwa lokhu akusho ukuthi ziwenza zodwa umsebenzi,” kusho uRamokgadi.
“Inkinga yePirates wukuthi isebenzisa abadlali basesiwini abangenawo amaqhinga okwakhela abagadli amagoli. Abukho ubuhlakani nomjiko ovula kuvaliwe esiswini sePirates. UMiguel (Timm) noGoodman (Mosele) ngabadlali abahle kodwa iPirates ayibadingi bobabili enkunndleni ngesikhathi esisodwa.
“Bakhona abadlali abangawenza kangcono lo msebenzi wokuphakela abagadli kwiPirates kodwa ababhekwa nangeso. Uzombona kanjani umdlali ukuthi angakwakhela amagoli uma ungamsebenzisi?”
Kulaba badlali uRamokgadi athi bayazitshwa ekubeni ukholwa wukuthi bangawenza umsebenzi, ubale uCollins Makgaka, Monnapulle Saleng oselithola ijezi muva nje, noTeboho (Tlolane) obebolekiswe kwiMaritzburg United.
Le nkakha imvikelile uRiveiro kodwa yasola abadlali ngokwenzela phansi lonke iqembu, okufanele ngabe yibona abakha amagoli.
“URiveiro akayena umdlali, ngakho-ke ngeke ngimkhombe ngalutho kodwa abadlali okuyibona abangena enkundleni bedlubhe umfaniswano wePirates, kufanele ibaphoxe indlela okwenzeka ngayo eqenjini bekhona.
“Umqeqeshi ubatshela ukuthi abame kuphi kuphela kodwa bengabadlali kufanele kubabangele amahloni ukuthi kukhulunywe ngale ndlela ngeqembu bekhona,” kusho isilomo seBucs saseminyakeni edlule.
IBucs izobuyela enkundleni ngomunye umdlalo weligi naMaZulu FC, kusasa ngo-7.30 ebusuku, e-Orlando Stadium eSoweto. URiveiro ngokwakhe usashumayela ivangeli lokubekezela kubalandeli beZimnyama njengoba beyilungisa inkinga yokungashaywa kwamagoli.