OWAYENGUMGADLI waMaZulu FC, uJabulani "Mthwalunzima" Ndwandwe utusa ubuholi bukamengameli weqembu uSandile Zungu ngempumelelo yoSuthu oselungene esigabeni samaqoqo kwiCAF Champions League.
USuthu, olukhiphe izinkunzi zaseDemocratic Republic of Congo (DRC) iTP Mazembe, luzokwazi ngenyanga ezayo ukuthi luzoqhathwa namaphi amaqembu esigabeni samaqoqo.
Angu-16 amaqembu azohlukaniswa amaqoqo amane. Kula maqembu kukhona i-Al Ahly yase-Egypt, Esperance yaseTunisia neWydad Casablanca yaseMorocco. Imidlalo yesigaba samaqoqo izoqala ngoFebhuwari 11 ngemuva kwe-Africa Cup of Nations ezoba seCameroon ngoJanuwari.
UNdwandwe, owazakhela igama ngokushaya inethi kuMaZulu eminyakeni edlule, uthe okuhle okwenzeka kuleli qembu kungenxa kaZungu.
"UManzini ungumuntu onephupho elihle, uthanda abantu, unobuntu. Lezo yizinto ebezikade zishoda kodwa ezenzekayo manje. Ngiyajabula kakhulu ngendlela elenza ngayo iqembu ngoba elasekhaya. Izinto bezingahambi kahle esikhathini esedlule, lingaphatheki kahle nokuswela abaxhasi. Kodwa manje izinto ziyathembisa sekuyiqembu elifana namanye ngokuphatheka nangokudlala," kusho uNdwandwe owadlala nakwiManning Rangers.
"Ngiswele amandla, ngabe ngihamba nalo iqembu kwiChampions League. Kufezeka amaphupho abantu abaningi ngokudlala koSuthu kulo mqhudelwano. Leli thuba belihlala liwela amaqembu akwezinye izifundazwe. Ukudlala kwaMaZulu kwiChampions League kuzoyithuthukisa kakhulu iKwaZulu-Natal."
Nakuba engabhekana nomqansa AmaZulu uma engatomula ompetha beChampions League, i-Al Ahly, kodwa kuzofezeka iphupho labalandeli abangakufihlanga ukuthi bafuna ukugudlana ngamahlombe eMoses Mabhida Stadium nalabo mpetha base-Egypt kanye neWydad.
USuthu loqophe umlando ngokufinyelela esigabeni samaqoqo ekubeni luqala ukudlala kwiChampions League. Beluvele luqophe umlando ngokuqeda endaweni yesibili kwi-log yeDStv Premiership.
"Ngiyakujabulela kakhulu ukuthi iqembu selifike kulesi sigaba kwiChampions League. Ngifisa sengathi lingaqhubeka lifike okungenani kowandulela owamanqamu," kusho uNdwandwe