UTruter, osanda kuthatha izintambo zokuqeqesha AmaZulu FC usanqobe, imidlalo emibili okungoweBaroka FC neMaritzburg United.
"Umgqigqo nozinzo olushiywe nguBenni McCarthy eqenjini laMaZulu, yilona uTruter asaqhubeka kulo njengamanje, yize esazama ukufaka esakhe isitayela namasu okudlala,“ kusho uZimba.
UZimba wayengunozinti wokuqina emaqenjini aKwaZulu-Natal, okubalwa i-African Wanderers, iDurban Bush Bucks noSuthu.
“Uma engaqhubeka nomgqigqo aqale ngawo atholele iqembu amaphuzu amqoka kule midlalo esele, lokho kungambeka ethubeni elingcono lokunikezwa ithuba lokuqhubeka nokuhola iqembu ngesizini ezayo."
Ethatha izintambo zokuqeqesha uTruter, ngemva kokukhonjwa indlela kukaMcCarthy ngoMashi, umengameli weqembu uSandile Zungu, ukubeke kwacaca ukuthi ufuna iqembu lingene esixhantini samane aphezulu kwi-log yePremiership, ngokuphela kwesizini.
Naye umqeqeshi obegajwe yinjabulo ngemuva kokunqoba kwiMaritzburg United, wabambana neRoyal AM ngo 0-0 uthembisile ukuthi ezakhe zizokwazi ukuqeda endaweni yesine kwi-log.
"Ngikholwa wukuthi noma ngabe uTruter ugcina engakwazanga ukuqeda kwiTop 4 kodwa uma ekwazile ukufaka iqembu kuTop 8, lokho kuyobe kungeyona into embi. Ukupheka, kuthululwe, ngeke kuliyise iqembu phambili," kweluleka uZimba.
UZimba usho kanjena nje, aseqalile vele ukuvunguza amahlebezi akhomba uSteve Komphela ongomunye wabaqeqeshi beMamelodi Sundowns, kwesokuqeqesha uSuthu ngesizini ezayo.