MTHOKOZISI MNCUSENI
INKAKHA kanozinti we-Orlando Pirates neBafana Bafana, uJohn Tlale, yeluleke abaqeqeshi ababambisene kwiBucs, uMandla Ncikazi noFadlu Davids, ngesidingo sokuthola unozinti oqinile njengoba ibona bengeke bafike ndawo ngalaba abakhona emabhukwini eqembu.
UTlale, odle isicoco seligi nePirates ngesizini ka-2002/2003, utshele Isolezwe izolo ekuseni ukuthi uSiyabonga Mpontshane, Wayne Sandilands noRichard Ofori abekho ezingeni elifanele iqembu elikhulu njengePirates.
Lo owathatha ijezi kwenye inkakha yePirates, uWilliam Okpara, ngo-2002, ukhuluma kanjena nje isematheni indaba yonozinti bePirates kulandela ukugxekwa kukaMpontshane ezinkundleni zokuxhumana ngamagoli amngenele koweCaf Confederation Cup beshaywa yi-Al Ittihad yaseLibya ngo-3-2 ngempelasonto edlule.
Emidlalweni engu-20 yeligi, iPirates isingenelwe amagoli angu-18.
UMpontshane nguyena okhonyayo ejezini kulezi zinsuku njengoba u-Ofori elimele kodwa okusobala ukuthi abalandeli bePirates abeneme ngamaphutha alokhu eqhubeke njalo nokuwenza.
Emdlalweni we-Al Ittihad kuqale phansi lokhu kugxekwa kukaMpontshane kwazise abalandeli bePirates bakholwa ukuthi amaphutha akhe yiwona abulale iPirates.
UTlale uwukhombe kulona lonke ithimba lonozinti umunwe eligxeka ngokungabi sesimeni esidingeka eqenjini elikhulu njengePirates.
“Akuhambi kahle ethimbeni lonozinti kwiPirates ngoba kulezi zinsuku kuvimba uMpontshane nje, ijezi belikuyena (isikhathi eside) kodwa kwathengwa u-Ofori (Richard) ngoba kucaca ukuthi amaphutha akhe alibuyisela emuva iqembu.
“Kunezikhathi lapho bekuvimba khona uWayne (Sandilands) kodwa nakuyena lathathwa ijezi lanikwa u-Ofori ngaphambi kokuthi alimale.
“Kimina lokhu kushintsha onozinti kukhombisa ukuthi akekho (unozinti) okunguyena abamethemba ngokuphelele kwiPirates,” kusho uTlale.
Kuhle ukuthi u-Ofori uyalulama kodwa ngokukaTlale, iPirates isadinga unozinti okunguyena ozoba owokuqina uma izimisele ngokufinyelela lapho ifuna ukuya khona.
“Abaqeqeshi bePirates badinga omunye unozinti oseqophelweni eliphezulu uma befuna ukufika lapho befisa khona ngoba kwayena u-Ofori, okujatshulelwa ukuthi uyabuya, unawakhe amaphutha.
“Uma silikhuluma linjengoba linjalo iqiniso, u-Ofori udlala kahle namuhla, kusasa enze iphutha elibuyisela iqembu emuva.
“Sonke siyawenza amaphutha kodwa uma esemaningi kuyizinkomba zokuthi kukhona okungahambi kahle.
“Kusemqoka ukuthi iPirates ithole unozinti ongenawo amaphutha amaningi ngoba uma kungenzeki lokho, isimo sizolokhu siqhubekile nokuba yilokhu esiyikhona,” kusho uTlale owayesesikwatini seBafana esadla isicoco se-Africa Cup of Nations (Afcon) ngo-1996.