SITHEMBISO MKHIZE
USIHLALO weCape Town City, uJohn Comitis uqinisekisa eyokushiywa yinsika yeqembu lakhe, uThabo Nodada.
UComitis utshele Isolezwe ukuthi noma kanjani ngesizini ezayo uNodada uzobe engaseyona ingxenye yomndeni wamaCitizens.
Uqhube wathi awakhohlwe amaqembu akuleli, le njini ilibhekisa e-Europe. Unqabe waphetha ukudalula izwe neqembu lo mdlali aya kulo.
"Ngeke ngiveze yonke imininingwane ngoba asikakuqedi konke namaqembu esixoxoxa nawo e-Europe. Empeleni konke sekulele ngakithina, sisacwaninga izinto ezimbalwa. Kangingabazi ukuthi nase-Europe, uNodada uzoqhubeka nokwenza kahle. Ngiyezwa nje kuthiwa kunamaqembu amfunayo kuleli, kawakhohlwe, ngeke amthole" kubeka uComitis.
UComitis ukhuluma kanjena nje, kusukela ngesizini edlule kuvele imibiko ethi uNodada ufunwa uthuli amaqembu amakhulu aseGauteng. Kamuva nje, iqembu okuke kwabikwa ukuthi liyamfuna iKaizer Chiefs. Negama le Orlando Pirates like lavela.
NoComitis wacashunwa ekuqinisekisa ukuthi Amakhosi abemfuna uthuli lo mdlali.
Avinjwe yisinqumo seFifa ebesiwanqabela ukusayinisa kule sizini.
Lesi sikhwishikhwishi sisanda kuvuselela inkontileka yaso namaCitizens ngeminyaka emithathu.
UComitis ube esebongela uNodada ngokubizwa kwiBafana Bafana ezobhekana neGhana neSudan kweyokuhlungela i-Africa Cup of Nations (Afcon) ezoba ngonyaka ozayo eCameroon. Ngesikhathi kumenyezelwa isikwati seBafana emasontweni edlule, uComitis akazange akufihle ukungenami kwakhe ngokungabizwa kwabadlali bezakhe, uNodada noMduduzi Mdantsane
UNodada ubizwe esikwatini noLebo Maboe, Mothobi Mvala beMamelodi Sundowns, Thabiso Kutumela weMaritzburg United noVincent Pule we-Orlando Pirates. Bazovala izikhala zabadlali baphesheya amaqembu abo alile ukubadedela ngenxa yokubhoka kweCovid-19.
"Kwakuyiphutha kwakona ukuthi uNodada noMdantsane (Mduduzi) bashiywe ngaphandle eqenjini lesizwe. Kuyajabulisa ukubona ithimba labaqeqeshi beqembu lesizwe limnika ithuba lokudlala. Njengoba ngithe uya e-Europe uyakudinga ukudlala eqenjini lesizwe. Kabalenzanga iphutha ngokumbiza, kangingabazi ukuthi uzoba usizo,“ kusho uComitis.
Sisekuzo ezithinta iBafana, leli phephandaba litshelwe umthombo walo ukuthi uBongani Zungu weRangers yaseScottland uzobe ekhona emdlalweni neSudan, ngeSonto.
KoweGhana odlalelwa kuleli, uvinjwe imithetho eqinile yase-United Kingdom (UK) yokulwa neCovid-19, evimba izakhamuzi zakuleli ukungena kuleliya lizwe. ISudan kayikho ohlwini lwamazwe aqashwe yi-UK ngeso lokhozi.