OWAYEYINJINI ebamba isisu seKaizer Chiefs sithule eminyakeni edlule, uTinashe Nengomasha, uphosele inselelo umkhaya wakhe, uKhama Billiat, ngokuthi akhombise enkundleni uma edinga inkontileka entsha eNaturena.
UBilliat (32) waseZimbabwe, ujoyine iChiefs bhusende ngo-2018 esuka kwiMamelodi Sundowns kubhekwe lukhulu kuyena. Inkontileka yakhe neChiefs izophela ngoJuni.
Ukuphela kwenkontileka yakhe ngoJuni, kusho ukuthi kufanele kuqale izingxoxo mayelana nokuvuselelwa kwayo uma izinhlangothi zombili zisajabule. Akufihliwe ukuthi abalandeli baMakhosi abaneme ngendlela uBilliat adlala ngayo kwazise bakholwa wukuthi akakalidlali ibhola ayelidlala kwiSundowns eyisiza iwina iCaf Champions League ngo-2016, nezinye izicoco.
Kule sizini uBilliat usabe nemidlalo embalwa kwazise uke wahlushwa nawukulimala.
"Uma uKhama efuna inkontileka entsha kufanele ayisebenzele. Bonke abadlali benza njalo. Uma wazi ukuthi inkontileka yakho iyaphela futhi usadinga ukuhlala eqenjini, kufanele lokho ukukhombise ensimini. Sonke siyakwazi akwenze kwiSundowns. Ungumfana wangakithi, ngiyameseka kodwa kufanele akhombise abaphathi beChiefs ukuthi imfanele inkontileka entsha. Konke kusezandleni zakhe," kusho uNengomasha owadlala iminyaka engu-10 kwiChiefs.
"Uma abalandeli bengajabule ngefomu yakhe kufanele akwamukele lokho, asebenze kanzima. Unekhono, sonke siyakwazi lokho kodwa kudingeka azikhandle. Uma efuna imali akayijulukele. Linjalo ibhola. Awukwazi ukufuna imali kodwa imisebenzi ingabonakali enkundleni."
IChiefs inengcindezi ngokuthatha isinqumo ngekusasa likaBilliat kwazise ngenyanga ezayo uzobe esevumelekile ukusayina inkontileka yesibambiso nelinye iqembu uma ethanda. Okuthiwa kuyinkinga kwiChiefs ngaye wukuthi uhola itshe lemali ekubeni ungabonakali umsebenzi enkundleni. Emidlalweni eyisishiyagalolunye kule sizini, uBilliat akanalo igoli. Wakhe amathathu.
"Abaphathi bazohlala phansi bahlanganise izinombolo. Lokhu kufaka isibalo samagoli awashayile nawakhile. Usenayo iminyaka emibili asengayidlala kodwa izinombolo ziyamphikisa. Angazi ukuthi abaphathi beChiefs bazizwa kanjani ngaye. Kodwa ngokwami, iqembu liyabadinga abadlali abanesipiliyoni," kusho uNengomasha.
Ngaphandle kukaBilliat, iChiefs kufanele iqale izingxoxo zenkontileka entsha nokaputeni u-Itumeleng Khune.