KUQUBULE ukudideka ngesenzo se-Orlando Pirates sokusayinisa “amakhehla” abadlali, okunguNdumiso Mabena (35) nesiphekepheke esinguCraig Martin (29).
Iqembu libethule ngokwalo laba badlali ngokufaka isitatimende kwi-website yalo ngase kupheleni kwesonto.
UMabena, okhuza ibuya kwiPirates anqobe nayo izicoco phakathi kuka-2009 no-2014, usayine inkontileka yonyaka nesigamu edovola eZimnyama.
UMartin, kulo nyaka obizwe okokuqala kwiBafana Bafana, usayine iminyaka emibili nesigamu.
Yena kuyacaca ukuthi iPirates ibimfuna ngokukhulu ukuzimisela kwazise ubesanda kwelula inkontileka yakhe ngeminyaka emihlanu kwiCape Town City.
Lo mdlali ogijima ngesivinini esuka emuva ohlangothini lwesokudla, uzoshubisa umbango wejezi kuBandile Shandu noThabiso Monyane.
Ngesizini edlule bebebanga noWayde Jooste, oyishiyile iPirates ekuqaleni kwesizini.
“Isiphekepheke esingu Martin sizoba yingxenye yeZingqungqulu zaseSoweto ngoJanuwari emuva kwesivumelwano phakathi kwamaBhakaniya neCape Town City, ngesamba esingezudalulwa,” kusho isitatimende sePirates.
UMabena yena uthathwe engenalo iqembu emuva kokuhlukana neRoyal AM ekuqaleni kwesizini.
“UMabena ubuyela endaweni abeyibiza ngekhaya phakathi kuka-2009 no-2014 ngaphambi kokujoyina iPlatinum Stars, Bleomfontein Celtic kanjalo neRoyal AM. Lo mdlali oneminyaka engu-35 ubudala usayine unyaka nesigamu,” kusho iPirates.
UMabena, obalwa kubagadli abanamagoli angu-50 nangaphezulu emagameni abo sekuhlanganiswe yonke imiqhudelwano yePremier League, uyibamba ezindaweni ezahlukene phambili.
Uzoshubisa umbango ophondweni lwesokudla kanjalo nasemafolosini kodwa uyakwazi nokudlala ngemuva kwabagadli.
Njengamanje iPirates inoKermit Erasmus, Zakhele Lepasa no-Eva Nga kubagadli bayo.
IPirates izobhekana neMamelodi Sundowns koweligi ngoDisemba 30. Ehlangana kwiMTN8 la maqembu, iPirates inqobe ngo 3-0 kodwa iSundowns yaphindisela ngo 4-0 sebehlangana kwiCarling Black Label Cup.