UKUSABALALA kwezindaba zokufika ejimini kuka-Itumeleng Khune ephuzile kungenzeka ukuthi kuqubule imibuzo kwabanye abathandi beqembu nabakanobhutshuzwayo ngendlela iKaizer Chiefs ebhekana ngayo nalezi zigameko.
Amakhosi abhekene nenkinga yesomiso sezindebe esesiqede iminyaka eyisishiyagalombili. Abaphathi bahlala bethembisa abalandeli ukuthi bayazama ukuqhamuka neqhinga lokubuyisela leli qembu ezinsukwini zenjabulo.
IChiefs selokhu yagcina ukuwina indebe ngesizini ka-2014/2015, ngesikhathi iphakamisa eyeligi neyeNedbank Cup ngaphansi kobuholi bomqeqeshi uStuart Baxter. UKhune oyintandokazi yabalandeli, uyena kuphela umdlali osele owayekhona ngezikhathi zenjabulo ePhefeni.
Mhlawumbe ukusolwa kwakhe ngokufika ejimini ebukhile, yikhona okushaqise iningi njengoba engathathwa njengomdlali okumele abe yisibonelo kulabo abafikele kuyena eqenjini. Ngale kwalokho, uKhune uliphathe isikhathi eside ibhande lobukaputeni kwiChiefs.
Nokho lesi sihlava sabadlali abadla amambawu sineminyaka ePhefeni. Baningi abadlali abagcine bexoshiwe ngenxa yalo ijiki. Eminyakeni edlule, iChiefs ihlaselwe yisimo esifanayo kubadlali abahlukene okukhona kubona uJabu (Pule) Mahlangu, Patrick Mbuthu, Junior Khanye noThabiso Malatsi. Laba sebeke baphumela obala ezingxoxweni ezahlukene ababenazo ngemuva kokudlala ibhola bezisholo ngokwabo ukuthi bebehlulwa utshwala.
UPule wayeyisilomo futhi enza izinto zenzeke uma esenkundleni kodwa kwakuke kube nemibiko yokuthi unyamalele eqenjini, esayozikholisa ngeziphuzo.
Ngo-2021, kwavela ukuthi inkontileka kaSiphelele Ntshangase yanqanyulwa kuleli qembu kusolwa zona izinkamba zikaFaro. UDumisani Zuma osegijima kwiMoroka Swallows, ugcine ekhululiwe eqenjini ngenxa yokuhluleka wukuziphatha. IChiefs yaphumela obala yathi uZuma bese imthumele nasezikhungweni ezisiza abanenkinga yophuzo kodwa kwala.
Ngaphandle kokuthi uKhune uyahlonishwa kwiChiefs naseNingizimu Afrika, okungenzeka ukuthi kushaqise abaningi wukuthi kuvela lokhu nje, ekuqaleni kwesizini kwakuthiwe uzowaphanyeka emgibeni amagilavu ekupheleni kwesizini. Umthombo ongaphakathi kwiChiefs udalule ukuthi indala inkinga kaKhune nebhodlela eliluhlaza.
Owayengumgadli weChiefs eminyakeni edlule, uJustice Sithole, uthe inkinga yotshwala igcwele kuwona wonke amaqembu eMzansi. USithole udlale ngezikhathi kukhona uMahlangu noMbuthu.
“Alikho iqembu elingenazo izinkinga zotshwala. Abadlali bayaphuza. Bakhona abadlali abaphuzayo kodwa ngesikhathi sabo. Kukhona abalala khona. Yinto eyenzekayo cishe kuwona wonke amaqembu.
Okwenza lokhu kugqame wukuthi kwenzeka kwiChiefs. Ngidlalile emaqenjini amaningi eMzansi. Ukuphuza yinto ekhona. Abadlali bayaphuza, umehluko wukuthi udlalela liphi iqembu. Kwamanye amaqembu abadlali abaphuzayo bayaziwa kodwa indaba igcina ngaphakathi, ayiphumeli ngaphandle,” kusho uSithole.
Indaba kaKhune ivele kanye nekazakwabo uMduduzi Mdatsane okuthiwa naye ubemiselwe lona ijiki. IChiefs ayikaze iphumele obala ngokuthi ngempela ziyiqiniso lezi zinsolo ngoKhune. Ngesikhathi engabonakali emdlalweni wayo neMoroka Swallows ngempelasonto edlule, iqembu libhale kwi-website ukuthi ulimele. Ngokwemibiko bekumele avele ngoLwesibili ekomitini leqembu eliqondisa ubugwegwe.
Indaba yotshwala kwiChiefs ike yavezwa nawuDaniel Cardoso odlale kuMakhosi iminyaka eyisikhombisa. UCardoso wakuveza lokhu nyakenye ekhuluma kwiMarawa Sports Worldwide.
Ngesikhathi ekhuluma ngezinga labadlali abasayiniswa yiChiefs, wathi kulandwa abangafanele njengoba abanye basuke bevela kwiNFD (Motsepe Foundation Championship) futhi abanye besuke bengenamaqembu kanti kunalabo abajahe imiholo, abangazinikele.
“(Futhi) Uyakubona enkundleni. Uyabona ukuthi ubani ofuna ukudlala, nokuthi abanye bafika ejimini benuka phu utshwala ngoba abanandaba. Ngicabanga ukuthi lena yiyonanto ebe nomthelela kwiChiefs ngesikhathi ngikhona,” kusho uCardoso.
USithole uthe kumele siqine isandla ukujezisa laba abenza lo mkhuba.
“Abadlali baseMzansi bayatotoswa. Sinokuthi sivikelwa ngamaqembu futhi siyakwazi lokho, siyakusebenzisa. Siyazi ukuthi indaba izombambathwa. Abadlali abatholakala bephuzile lapha asazi noma bayahlawuliswa noma bayaxoshwa emaqenjini. Mina ngibona kufanele bashaywe kakhulu ephaketheni. Umuntu ahlawuliswe isigamu somholo wakhe uma efike ejimini ephuzile,” kusho uSithole.
Okuhlala obala wukuthi inkinga yotshwala ikhona kubadlali bebhola baseNingizimu Afrika. Abanye bakholwa wukuthi lokhu kuyinkomba yempilo ephilwa ngabantu baseNingizimu Afrika. Ingcabha isele neChiefs namanye amaqembu ukuthi baqinise isandla ekulweni nalesi sihlava esiqede ngekusasa labadlali abaningi, abanye balahlekelwa yimpilo yabo.