Tunisia (0) 0
Namibia (0) 1
ISILOMO se-Orlando Pirates, uDeon Hotto, sibe iqhawe leNamibia ngesikhathi iwina umdlalo wayo wokuqala ka-Group E we-Africa Cup of Nations (Afcon) ngoLwesibili ebusuku, e-Amadou Gon Coulibaly Stadium, eKorhogo, e-Ivory Coast.
Kudlalwe kwaze kwaba kungenwa ngasemizuzwini yokuphela kwesiwombe sesbili, lapho uHotto ehlokomise abalandeli bezwe lakhe ngegoli alishaye ngekhanda elibanikeze amaphuzu amathathu.
Njengoba bekulindelekile, iTunisia iyona ewuqale kangcono umdlalo obekuhambisana nezimpawu zovalo kwabeNamibia.
Ngenxa yamathuba amabili atholwe, uPeter Shalulile, elandelana, bekumele ziye emzuzwini ka-10 isihamba phambili iNamibia.
Okusheshe kwacaca ukuthi emizuzwini yokuqala engu-20, iNamibia ibingayiniki ithuba iTunisia ukuba ikhululeke ngebhola.
Okunye obekwenza umdlalo ubukeke sengathi awunayo iminyakazo ukuthi izitobha zazinhlangothi zombili beziphapheme.
Lo mdlalo obekubhekwe ukuthi zizothengana uqala kuze kube uyapela, uthe ungafika emzuzwini ka-25 waqala phansi wabanda kwaze kwaba kuyiwa ekhefini.
Ithuba lokuqala esiwombeni sesibili liwele kuShalulile futhi kodwa langaweqa umugqa.
NoHaythem Jouini, ulitholile elakhe ithuba lokubeka phambili iTunisia zisanda kubuya esiwombeni sesibili kodwa walibeka eceleni kwepali.
Eqinisweni, womabili la maqembu bekumele abe esehamba phambili umdlalo usubheke emzuzwini ka-70 kodwa womabili abezithambisa uma esebhekene namapali.
Ngomzuzu ka-80, unozinti weChippa United, uLoyd Kazapua, obevimbele iNamibia uphinde walitakula leli qembu kunzima ethi akaliqede ngekhanda, uYoussef Msakni, obedlala umdlalo wakhe ka-100 kwiTunisia.
Seliyoshona, uHotto, uqhamuke emuva kwabo bonke ebhokisini walingqofela enethini igoli elinike amaBrave Warriors iwini yawo yokuqala emlandweni we-Afcon.