IMOROCCO izoyiqala ngomdlalo onzima iNdebe yoMhlaba njengoba izobhekana neCroatia emdlalweni kaGroup F e-Al Bayt Stadium namuhla ngo-12 emini.
I-Atlas Lions yayinqoba yonke imidlalo yayo yokuhlunga yaqeda iqhwakele eqoqweni layo. Emzuliswaneni wokugcina ngoMashi ikhiphe iDemocratic Republic of Congo ngo-5-2 ukuze ithole ithikithi eliya eQatar.
KwiNdebe yoMhlaba edlule bakhishwe esigabeni samaqoqo ngemuva kokushaywa yi-Iran ngo-1-0, iPortugal ngo-1-0, badlala ngokulingana ngo- 2-2 neSpain.
ICroatia nayo iqhwakele eqoqweni layo kweyokuhlungela ukungena eQatar. Ngo-2018 eRussia yafinyelela kowamanqamu lapho yadliwa khona yiFrance ngo-4-2.
U-Walid Regragui uqokwe njengomqeqeshi omusha we-Atlas Lions ngo-Agasti, ethatha indawo kaVahid Halilhodzic, obefake leli qembu kwiNdebe yoMhlaba.
U-Hakim Ziyech, obuyele eqenjini ngoSepthemba okokuqala kusukela ngoJuni ka-2021 kulandela ukushiya komqeqeshi, ukholwa ukuthi sebewulungele lo mqhudelwano.
"Sizilungiselele kahle, sibe nomdlalo omuhle wobungani neGeorgia (banqobe ngo-3-0) ngeSonto eledlule. Ngicabanga ukuthi sidlale kahle," kusho uZiyech etshela ithimba labezindaba laseMorocco.
"Umuzwa muhle, umoya muhle eqenjini futhi siyazi ukuthi yini okufanele siyenze ukuze senze wonke umuntu aziqhenye.
"Ngicabanga ukuthi sonke siyazi ukuthi sisesigabeni esikhulu manje futhi kufanele sikhombise ukuthi yini esingayenza siyiMorocco.
“Sibumbene sonke futhi mningi umsebenzi esesiwenzile. Ukubambisana kuzosisiza ukuthi sibe nomqhudelwano omuhle.”
IMorocco neCroatia bazobe behlangana okwesibili. Babhekana okokuqala kowandulela owamanqamu kwiHassan II Trophy ngo-1996.
Lowo mdlalo waphela ngo-2-2, iCroatia yagcina inqobe ngo-7-6 ngesikhathi sekukhahlelwa amaphenathi.
Komunye umdlalo kuGroup F, iBelgium izotholana phezulu neCanada ngo-9 ebusuku.
KuGroup E, iGermany izodudulana neJapan ngo-3 ntambama kuthi iSpain sibhekane neCosta Rica ngo-6 ntambama.