Belgium (0) 0
Morocco (0) 2
IMOROCCO izivulele intuba yokudlulela emzuliswaneni olandelayo yehlula iBelgium emdlalweni wesibili wamaqoqo kaGroup F weNdebe yoMhlaba e-Al Thumama Stadium, eQatar, ngeSonto ntambama.
IMorocco iwine ngamagoli kaSaburi Abdelhamid noZakaria Aboukhlal, abawashaye esiwombeni sesibili.
Ukuwina kweMorocco kuyiphendlele indlela ebheke kwi-Last 16 nakuba kusadingeka isebenzele ukuthola amaphuzu aphelele emdlalweni wokugcina. Izovala neCanada ngoLwesine ntambama.
Emdlalweni wokuqala, iMorocco iphume nephuzu ngesikhathi idlala ngokulingana neCroatia, okuyinikeza amaphuzu amane kuleli qoqo. Ngaphambi kokuwina kweMorocco, bekuyiSenegal kuphela izwe lase-Afrika kwayisihlanu, elisawinile eQatar.
ISenegal ihlule osokhaya iQatar ngo-3-1 emdlalweni wesibili kaGroup A obungoLwesihlanu.
Enkundleni, iMorocco ikhombise zibekwa ukuthi ifuna ukuwina ngokuhlasela umdlalo uqala. Nokho ithuba lokuqala elicacile lomdlalo liwele iBelgium ngesikhathi umgadli, uMichy Batshuayi, ethola ibhola ebhokisini kodwa walivimba unozinti weMorocco, uMunir El Kajoui.
Lo nozinti ungene endaweni kaYassine Bounou oshintshwe umdlalo usuzoqala. Kuvele ukuthi uthintekile umsipha ngesikhathi bezivocavoca ngaphambi kokuqala umdlalo.
Ngokuqhubeka komdlalo, iBelgium okuqale iNdebe yoMhlaba ikleliswe endaweni yesibili emhlabeni, ikhombisile ukuba yingozi uma ihlasela kodwa akukho okutheni obekuphakamisa amaphaphu.
Ngesikhathi sekusele amanenjana kuyiwe ekhefini, uHakim Ziyech weMorocco, ushaye phakathi ifree-kick kodwa unompempe uCesar Ramos waseMexico, wayiphika emuva kokubheka iVAR ethi kade sekune-offside.
Esiwombeni sesibili, ibuye ngomfutho iBelgium kodwa ihluleka ukugqobhoza udonga lwasemuva lweMorocco. Ngomzuzu ka-73, uSabiri ushaye ifree kick ebikade iseceleni ngasendaweni okushaywa kuyona ikhona, yamudla uThibaut Courtois. IBelgium iphoqekile ukuthi ikhuphuke iyozama igoli lokulinganisa. Lokho kuyiweze ngelibanzi iMorocco, eshaye igoli lesibili elivalelwe phakathi ngu-Aboukhlal ngesikhathi esengeziwe.
Ukwehlulwa kweBelgium yiMorocco kusho ukuthi kufanele iwine noma yikanjani owokugcina wamaqoqo ezowudlala neCroatia ngoLwesine. IBelgium izodlala lo mdlalo ngaphandle komdlali wasesiswini, u-Amadou Onana, osethole amakhadi amabili aphuzi.
Komunye umdlalo wangeSonto emini, iCosta Rica idle iJapan ngo 1-0 kuGroup E .
IGoli leCosta Rica lishaywe nguKeysher Fuller ngomzuzu ka-81. Leli qembu livuke lazithatha ngemuva kokubhubhudlwa yiSpain ngo 7-0 kowokuqala, kanti iJapan ibingene ihambela phezulu ngemuva kokuguqisa iGermany ngo 2-1.