BALINDE lukhulu abalandeli bebhola baseMorocco kwiNdebe yoMhlaba ezoba seQatar kulandela ukubuya kwezihlabani zabo, uHakim Ziyech noNoussair Mazraoui obese kunesikhathi eside bengekho eqenjini lesizwe.
Laba badlali babuyiswe ngaphambi kwemidlalo yobungani edlalwe ngoSepthemba ngemuva kokungabizwa ngenxa yokushayisana nobengumqeqeshi uVahid Halilhodzic.
Lo mqeqeshi odabuka eSerbia ofake i-Atlas Lions yangena kwiNdebe yoMhlaba uxoshwe ngo-Agasti kwafakwa owayengumqeqeshi weWydad, uWalid Regragui nokuvulele laba badlali ithuba lokubuya.
Kuzocaca eQatar ukuthi ukushintsha umqeqeshi sekusele izinyanga ezintathu ngaphambi kokuthi umqhudelwano uqale kuzoba nomthelela omuhle noma cha eqenjini. Nokho selokhu ehambile uHalilhodzic kuleli qembu likwazile ukuhlula iChile ladlala ngokulingana neParaguay kweyobungani.
IMorocco ingene kwiNdebe yoMhlaba ngokuqeda iqhwakele eqoqweni layo yase idlula kwiDemocratic Republic of Congo ngo 5-2 emzuliswaneni wokugcina wokuhlunga.
Iqembu leMorocco:
Onozinti: Yassine Bono, Munir, Ahmed Reda Tagnaouti
Izitobha: Achraf Hakimi, Noussair Mazraoui, Romain Saiss, Nayef Aguerd, Achraf Dari, Jawad El-Yamiq, Yahia Attiat-Allal, Badr Benoun
Abasesiswini: Sofyan Amrabat, Selim Amallah, Abdelhamid Sabiri, Azzedine Ounahi, Bilel El Khanouss, Yahya Jabrane
Abagadli: Hakim Ziyech, Youssef En-Nesyri, Sofiane Boufal, Zakaria Aboukhlal, Ez Abde, Amine Harit, Ilias Chair, Abderrazak Hamdallah, Walid Cheddira
Umdlali ogqamile: U-Achraf Hakimi, odlalela iParis Saint-Germain, ungumdlali obalulekile njengoba enekhono lokumaka futhi abuye aye phambili kwesokudla lapho egoba khona amabhola ayingozi futhi kwesinye isikhathi ashaye namagoli.
UZiyech ubengekho efomini enhle kwiChelsea kodwa kulindeleke ukuthi abonakalise ukuthi kungani kukhethwe yena noMazraoui. Omunye umdlali ozobe ebhekwe ngabomvu umgadli weSevilla uYoussef En-Neysri.
Umlando kwiNdebe yoMhlaba: IMorocco isikwazile ukungena kwiNdebe yoMhlaba izikhawu ezinhlanu ngaphambilini, ngo-1970, 1986, 1994, 1998 nango-2018. Idlale kahle kakhulu ngo-1986, lapho yafinyelela khona kwi-Last 16 ngokuqhwakela eqoqweni layo idlula i-England, Poland nePortugal.
Amanye amaqembu akuGroup A: Leli qoqo liqukethe amaqembu aqede endaweni yesibili neyesithathu ngo-2018 eRussia, iCroatia neBelgium, azobe ebheke ukulwela isicoco nakulo nyaka.
IBelgium ikhishwe kuma-quarterfinal ngo-2014 yafinyelela kowandulela owamanqamu ngo-2018 futhi ingelinye lamaqembu athwelwe ngeqoma eQatar. Inenqwaba yabadlali abasezingeni eliphezulu njengoKevin de Bruyne, Romelu Lukaku, Dries Mertens no-Eden Hazard nabanye ababeseqenjini elenza ezibukwayo ngo-2018.
Ngemuva kokuhlulwa yiFrance kowamanqamu eRussia, iCroatia kulindeleke ukuthi nayo idlulele esigabeni esilandelayo kuleli qoqo. Isazoholwa nguLuka Modric, owaqokwa njengomdlali ovelele kwiNdebe yoMhlaba ka-2018 waphinde wanqoba iBallon d’Or kulowo nyaka. Abanye abadlali abamqoka eqenjini nguMateo Kovacic oyibamba esiswini nomgadli u-Ivan Perisic.
ICanada izobe idlala okwesibili kwiNdebe yoMhlaba. Yagcina ukubonakala ngo-1986 eMexico. Nokho umgqigqo wayo wakamuva wenza ibe yiqembu eliyingozi elingamangaza iningi.
AmaReds aqede eqhwakele kwi-log yeConcacaf yokuhlungela lo mqhudelwano ngaphezu kwe-United States, Mexico neCosta Rica. Azobe ebheke abadlali abafana no-Alphonso Davies, Jonathan David noCyle Larin ukuthi bayibeke kweyomkhumulajezi.
Ukuze iMorocco iphume kuleli qoqo kumele ilwe njengoba yenza ngo-1986 lapho yakwazi ukuhlula iPortugal yadlala ngokulingana ne-England nePoland.