IMENENJA kaSiphelele “Stash” Ntshangase imyala ngokuthi asebenzise izinkinga zeKaizer Chiefs ukuze ezobuyisa ugazi kubalandeli bale kilabhu.
UJazzman Mahlakgane ophethe izindaba zalesi sikhwishikhwishi uthe unethemba lokuthi uNtshangase uzoba nesizini enhle ngaphansi kukaGavin Hunt.
Uqhube wathi ukudlala kwakhe emidlalweni eyedlule kubuyise ukuzethemba kuNtshangase.
Ngemuva kwesikhathi eside lesi sibabuli silizwa ngendaba ijezi, uHunt usifakile emdlalweni wokuqala weDStv Premiership ezakhe zishaywa yiMamelodi Sundowns ngo-3-0.
Uphinde wambophela emlenzeni wesibili weMTN 8, iChiefs eshaywe kuwo i-Orlando Pirates ngo-2-0.
Kulo mdlalo wacishe washaya negoli. NoDoctor “16V” Khumalo kwaSABC wazwakalisa ukweneliseka ngendlela adlale ngayo.
“Sike sakhuluma noStash (Ntshangase) ubuyelwe yithemba ngendlela eyisimanga. Nakuba iChiefs ishayiwe kwimidlalo eyidlalile kodwa unethemba lokuthi izinto zizolunga.
Ubona ezoba nesizini enhle ngaphansi kukaHunt. Ngimtshelile ukuthi akaqhubeke nokuzimisela. Ingijabulisile indlela engimbone eyiyona,” kussho Mahlakgane.
Leli qembu ligwetshwe iFifa ukungasayinisi abadlali amawindi amabili.
“Yilona ithuba likaStash leli lokuveza ithalente lakhe. Akazimisele ngempela, abe umduduzi wabalandeli kulezi zinkinga ezikhona. Ngokuqhubeka kwesizini izinga lakhe lokudlala lizonyuka. Ngimfisela inhlanhla,” kuqhuba le menenja.
Efika uNtshangase kwiChiefs ngo-2018, iqeqeshwa, uSteve Komphela, belilikhulu idumela abaningi bethi ubakhumbuza izinsuku zika Khumalo ngenxa yokuphasa ibhola okunenkosi phakathi. Ubephuma kwiBaroka abeshisa bheke kuyo.
Ngesizini edlule ngaphansi kuka-Ernest Middendorp akadlalanga nowodwa umdlalo. Isizini enhle wayigcina ngeka-2018/19 edlala emidlalo ewu-20 sekuhlanganiswe yonke imiqhudelwano.
UMahlakgane obuye aphathe izindaba zikaSiphosakhe Ntiya-Ntiya wawo AmaKhosi, utshele Isolezwe ukuthi kungamanga ukuthi lo mdlali ubesohlwini lwabadlali abebezochithwa iChiefs.
“Abantu bakhuluma izinto abangazazi, uNtiya-Ntiya usezinhlelweni zomqeqeshi. Kufike umqeqeshi omusha kwiChiefs, naye kumele azimisele ukuze ezoheha iso lakhe”.
Selokhu kufike uHunt, uNtiya-Ntiya akakalitholi ijezi.
NgoMgqibelo AmaKhosi azodlala koweDStv Premiership neLamontville Golden Arrows kozoqala u-3.30, eSugar Ray Xulu Stadium, eClermont, eThekwini.
Emidlalweni emithathu iChiefs, isashaye kuphela iChippa United. Igcine idlale ngokulingana neTS Galaxy.
Imidlalo yeDStv Premiership ngempelasonto:
NgoMgqibelo - Ngo-3.30pm: Golden Arrows v Kaizer Chiefs (Sugar Ray Xulu Stadium); Stellenbosch v Chippa United (Danie Craven Stadium); Black Leopards v Maritzburg United (Thohoyandou).
Ngo-6pm: Orlando Pirates v SuperSport United (Orlando Stadium).
Ngo-8.15pm: Swallows v TS Galaxy (Dobsonville Stadium).
NgeSonto - Ngo3.30pm: Mamelodi Sundowns v AmaZulu (Loftus Versfeld Stadium); Cape Town City v Bloemfontein Celtic (Cape Town Stadium).