IPREMIER Soccer League (PSL) imemezele ngomlomo weStadium Management South Africa (SMSA) ukuthi kusukela ngoMashi 1 amathikithi okubuka imidlalo yayo e-FNB Stadium nase-Orlando Stadium ngeke esadayiswa eTicketPro kepha asezotholakala enkampanini eyaziwa nge-Open Tickets.
Lokhu kuvele esithangamini nabezindaba ebesiseFNB Stadium izolo lapho bekukhuluma khona isikhulu esiphezulu seSMSA, uBertie Grobbelaar, Thandi Merafe noVina Maphosa bezokuxhumana kwi-Orlando Pirates nakwiKaizer Chiefs ngokwahlukana.
Okwamanje lolu shintsho lusazokwenzeka kuphela ezinkundleni ezingaphansi kweSMSA okuyi-FNB eseNasrec ne-Orlando eseSoweto kwazise zisetshenziswa ngamaqembu ajwayele ukuzigcwalisa uma kunemidlalo emikhulu.
Indaba ibivele isuke ngePirates neChiefs ngomdlalo wabo weligi wakamuva obuseFNB Stadium osekungumlando ukuthi iBucs iwunqobe ngephenathi kaPatrick “Tito’’ Maswanganyi okusakhulunywa ngayo namanje ayishaya phakathi umdlalo usuyophela.
Ngokusho kukaGrobbelaar, kulo mdlalo kwagcina sekunabalandeli abangaphezulu kuka-100 000 enkundleni ekubeni i-FNB imumatha abangu-87 000.
Okubi ngalokhu wukuthi abantu abebenamathikithi afanele bagcina bengangenanga ngenxa yabaphethe awomgunyathi abangene kuqala.
“Sesiside isikhathi siyimunyunga indaba yokwanda kwesihlava samathikithi awumbombayi nePirates neChiefs kodwa esikubone kowabakhaya wakamuva kusikhombisile ukuthi kufanele sinyakaze ngokushesha,” kusho uGrobbelaar.
“Ngaphandle kokwanda kwala mathikithi awombombayi, okunye esikuqaphelile ngesikhathi siphenya ngokwenzeka ngoFebhuwari 1 sithole ukuthi nalaba esibagadisa emasangweni kwesinye isikhathi baxhumene nomkhonyovu wokungeniswa kwabantu ngomgunyathi enkundleni.
“Amathikithi asezosebenza azofakwa emshinini kube yiwona oqinisekisayo ukuthi liwumbombayi noma cha. Nayo le mishini ebhekayo enkundleni, lizokhushulwa izinga layo ukugwema lo mkhuba onobungozi bokudicilela phansi isithunzi seligi enkulu yaseMzansi namaqembu ayo athathwa njengamakhulu.
“Sizokwenza ezinye izimemezelo maduze njengokuvulwa kokuthengwa kwamathikithi ngale ndlela entsha siphinde siqinisekise ukuthi ayaphela amahlathi kulaba abese becabanga ukuthi sebethole ibhizinisi ngemidlalo emikhulu ikakhulukazi ethinta amaqembu aseGauteng athathwa njengamakhulu.