South Korea (0) 2
Ghana (2) 3
IGHANA ithole amaphuzu ayo okuqala kwiNdebe yoMhlaba eqhubekayo eQatar, ngokudla iSouth Korea ngo-3-2 emdlalweni wayo wesibili kuGroup H, obuse-Education City Stadium, ngoMsombuluko ntambama.
Igoli lokuqala leGhana lishaywe uMohammed Salisu, kwathi uMohammed Kudus wavalela amabili ngokuhlukana kweziwombe. AweKorea aqhamuke kuChoe Gue-sung esiwombeni sesibili.
IBlack Stars ibibheke ukuvuka ngemuva kokuthelwa phansi yiPortugal ngo-3-2 emdlalweni wokuqala kanti iKorea ingene ifumbethe iphuzu elicoshe ibambana ngo-0-0 ne-Uruguay.
Iqembu lika-Otto Addo likhombise zibekwa ukuthi lifuna amaphuzu amathathu lilithunga ngobunyoninco ibhola esiswini liphinde lihlasele ngesivinini.
ElaseKorea belibheke ukuthola umgadli weTottenham uSon Heung-Min ngokushesha phambili kodwa izitobha zeGhana zimnamathele, zingamniki thuba lokuthola ibhola.
Igoli lokuqala lingene ngomzuzu ka-24 ngesikhathi iGhana ithola i-freekick phambili ngakwesokunxele. UJordan Ayew uligobele ebhokisini ibhola, abeKorea bahluleka ukulikhipha, lavalelwa phakathi uSalisu eseduze.
Kudlule imizuzu eyishumi kuphela iBlack Stars yaphinde yayibhakuzisa inethi. UJordan uphinde wagoba ibhola elihle ngakwesokunxele, uKudus walibeka phakathi.
IKorea ibuye isivutha ngesiwombe sesibili kwala kancane ukuthi ithole igoli lokulinganisa ngesikhathi ibhola ebelithunyelwe uGue-sung ngekhanda livinjwa ngunozinti, uLawrence Ati-Zigi.
Lo mgadli ugcine elitholile igoli ngoka-58, engqofela phakathi ibhola ebeliqhamuka kuLee Jae-sung kwesokunxele.
Kuthe kusaphele imizuzu emithathu uGue-sung waphinde walibeka enethini ngekhanda, kulokhu ephakelwe uKim Jin-su.
Nokho iBlack Stars ayidikibalanga yaqhubeka nokuhlasela, yaphinde yazibeka phambili ngomzuzu ka-68. UGideon Mensa uligobele ebhokisini ngakwesokunxele, u-Inaki Williams washumpuza, lamthola ehamba yedwa uKudus walinamathisela enethini.
Uphinde wasebenza unozinti weBlack Stars ngomzuzu ka-75, ephebeza i-freekick ebihamba phansi eshaywe uLee Kang-in. Akagcinanga lapho, uphinde wavimba ishodi ebeliyingozi ebeliqhamuka kuGue-sung ngesikhathi ebesingezwe ngunompempe, iGhana yagcina inqobe ngo-3-2.
IBlack Stars izodlala owokugcina wamaqoqo ne-Uruguay ngoLwesihlanu ngo-5 ntambama, iKorea ibhekane nePortugal ngesikhathi esifanayo.