Germany (1) 1
Japan (0) 2
KUBUYE ubuhlungu bango-2018, kwabaseGermany, iqembu labo lidliwa yiJapan ngo-2-1 emdlalweni wokuqala kwiNdebe yoMhlaba, eKhalefa International Stadium, eQatar.
IGermany ibulawe ngabadlali abagijima kwiligi yakhona, iBundesliga, abangabokuzalwa eJapan.
Sekungumlando ukuthi kulo mdlalo ka-Group E, iGermany ingcwatshwe yigoli likaRitsu Doan odlala kwiSC Freiburg, alinganise ngalo ngoka-74, nelikaTakuma Asano ogijima kwiVfL Bochum edlala khona kwiBundesliga. Yena ulinamathisele enethini ngoka-83.
Bobabili laba badlali bangene esiwombeni sesibili izinto ziyibhimbela iJapan.
Imbobo yepali beyiqale yabonwa yiyo iGermany ngonyawo luka-Ilkay Gundogan okube yiphenathi ayishaye ngoka-33.
Unozinti weJapan, uShuichi Gonda, ubedlalise kabi uNiklas Sule. Kuzokhumbuleka ukuthi kwiNdebe yoMhlaba yango-2018, eRussia, iGermany ayenzanga kahle kowokuqala wamaqoqo. Yashaywa yiMexico ngo-1-0.Yaphinde yabhaxabulwa yiSouth Korea ngo-2-0
Lokhu kwaholela ekutheni igcine iphume esigabeni samaqoqo. Kwenzeka lokhu ekubeni yayingompetha bomhlaba bango-2014, eBrazil.
Esiwombeni sokuqala, iGermany ibizicanasela, esiswini kubhoke uGundogan obephakela abadlali baphambili uKuai Havertz, Serge Gnabry noThomas Muller, amabhola abeyingozi.
Ngendlela izinto ebeziyiyo, iningi belizitshela ukuthi amaJalimane azodlula ngembudlu yamagoli.
Ngemuva kwephenathi kaGundogan, kugqame ukutatazela okukhulu kwezikaHajime Moriyasu. UGonda uphenduke iqhawe evimba amabhola ayingozi abadlali beGermany abanjengoKai Harvertz, Jamal Musaila, ukusho abambalwa.
Nakuba bebezama abadlali beJapan abafana noJ. Ito, Daichi Kamad kodwa u-Antonia Rudiger noDavid Raum, bebengafuni lutho odongeni lwabo.
Esiwombeni sesibili, ebona umqeqeshi uMoriyaso ukuthi kuyonakala, wenze izinguquko wafaka uKaora Mitoma no-Asana ofike wawushintsha umdlalo.
Ukungena kukaDoan kuyibulele kakhulu iGermany.
Umqeqeshi wayo, uHansi Flick, uphoqeleke ukukhipha izethenjwa zakhe uGundogan noThomas Muller abese befana nenkukhu enethiwe.
IJapan iqale yahlasela ngamandla, nezihlwele zayo zingazibekile phansi ngokuseka abadlali bayo.
Kuthe noma amaJalimane esehlasela kwasho ukuthi isikhathi sesidliwe yinja.
NgeSonto, iGermany izobhekana nomunye umqansa njengoba izoqhuthana neSpain.
Bekuwumdlalo wokuqala iGermany itholana phezulu neJapan kwiNdebe yoMhlaba.
Ngaphambi komdlalo wangoLwesithathu. abezindaba eJapan bacashunwe bethi bangajabula uma bengadlala ngokulingana neGermany neSpain bese beshaya iCosta Rica.
NgeSonto, iJapan izodlala neCosta Rica. Ngo-2018, eRussia, yayiphume ku-Round of 16.