UMQEQESHI weMamelodi Sundowns, uManqoba Mngqithi, unethemba lokuthi iningi labadlali abahlaselwe wumkhuhlane bazolulama kusenesikhathi ukuze badlale kowamanqamu weNedbank Cup, ngempelasonto.
Umdlalo weDStv Premiership phakathi kwaMaSandawana neRoyal AM wamiswa ngemuva kwemizuzu engu-23 ngoMgqibelo odlule ngenxa yemvula enamandla egcwalise amanzi enkundleni eChatsworth Stadium.
Lo mdlalo uphindwe ngoMsombuluko ntambama enkundleni efanayo lapho kunqobe khona iSundowns ngo-3-2 nokwenze iqede isizini inamaphuzu angu-65, yase inikwa indebe yayo.
Bekunenqwaba yabadlali beSundowns abangazange babonakale kulo mdlalo ngenxa yokuqubuka komkhuhlane ekhempini yaleli qembu.
Likuqinisekisile kwi-website yalo ukuthi uReyaad Pieterse, Denis Onyango, Thapelo Morena, Brian Onyango, Rushine de Reuck, Themba Zwane, Lesedi Kapinga, Lebohang Maboe, Andile Jali, Surprise Ralani, George Maluleka, Promise Mkhuma, Rivaldo Coetzee, Haashim Domingo, Pavol Safranko, Gift Motupa noKermit Erasmus ngabanye babadlali abathintekile.
"Abadlali bahlolelwa amagciwane ahlukene okuhlanganisa umkhuhlane, iCovid-19 ne-RSV ukuze kutholakale imbangela yangempela yalokhu kugula," kusho udokotela weqembu, uCarl Tabane, kwi-website.
"Emasontweni adlule, la magciwane iwona abhidlangile kuleli futhi kubalulekile ukuthi sihlole ngokugcwele njengoba wonke ebonakala ngezimpawu ezifanayo. Siyaqhubeka nokulandela izinyathelo zokuphepha ezifanele."
Nakuba sezigcine ziyiphakamisile indebe yeDStv Premiership, ezikaMngqithi zisamelwe wumsebenzi wokuthatha isicoco sesithathu kule sizini njengoba sezivele ziphethe ezimbili uma kuhlanganiswa neMTN 8, ezayithatha ngasekuqaleni kwesizini.
Zizobhekana neMarumo Gallants kowamanqamu weNedbank Cup ozobanjelwa eRoyal Bafokeng Stadium ngoMgqibelo ngo-6 ntambama kanti uMngqithi unethemba lokuthi bazobe sebebuyile abangaphilile.
"Besinakho ukuhlakazeka sibhekene neRoyal AM njengoba abadlali abangaphezu kuka-20 bebengekho ngenxa yomkhuhlane, kodwa laba abebekhona benze kahle kakhulu futhi basebenza ngokuzikhandla ukuqinisekisa ukuthi ekugcineni siyawunqoba umdlalo," usho kanje.
"Siyaziqhenya ngabadlali esinabo nangendlela abalwe ngayo ngoba sibatshelile ukuthi ubunzima yinto ejwayelekile kompetha. Ukubhekana nalezi zinkinga akumele kusithene amandla njengoba silwela impumelelo. Abadlali bethu abakaze basiphoxe ezimeni ezinjalo.
"Abanye basabambekile impela kodwa iningi labo libukeka liza kahle. Sinethemba lokuthi bazokwazi ukuba yingxenye yeqembu uma sesilungiselela umdlalo wamanqamu."