AKASEKHO emhlabeni owayengumdlali we-Orlando Pirates, uPapi Khomane.
Udlule emhlabeni engozini yemoto ngoMgqibelo eyenzeke ehamba nonina, uRita Khomane.
Lezi zindaba ziqinisekiswe iPirates esitatimendeni sokudlulisa amazwi endunduzo emndenini esikhiphe kwi-website yeqembu ngoMgqibelo ebusuku kanjalo nasemakhasini ayo ezinkundleni zokuxhumana.
“I-Orlando Pirates Football Club ibuhlungu ukuzwa izindaba zokudlula kowayengukaputeni, uPapi Khomane. Iqembu laziswe lezi zindaba nguyise ongenye yezinkakha zeqembu, uYster Khomane, ositshele ukuthi indodana nenkosikazi yakhe uRita Khomane babe sengozini yemoto namhlanje (ngoMgqibelo),” kusho isitatimende.
UPapi (48) owahlala iminyaka eyisishiyagalolunye kweZimnyama, wadlala imidlalo engu-150, uchazwe njengendoda eyayingakhulumi kakhulu kodwa umsebenzi iwenza enkundleni.
“Ubuholi bakhe eqenjini nangendlela abeyiyona enkundleni yikhona obekukhombisa indlela iqembu. Uhambo lwakhe eqenjini bekufana nokuqhubeka nomando. UPapi noyise, uYster, owadlalela amaBhakaniya ngeminyaka yama-70s banomlando ongajwayelekile eqenjini. Lokhu kukhombisa ngokusabala ukuthi ubudlelwano babo neqembu bujule kangakanani,” kuqhuba isitatimende.
Unina kaPapi naye ukhunjulwe ngokungaphezi ukuzobeseka njalo enkundleni uma bedlala.
“Egameni le-Orlando Pirates, sidlulisa amazwi enduduzo emndenini wakwaKhomane futhi sithembisa ukuneseka,” ukuneseka.
UPapi waqala ukudlala kwi-Jomo Cosmos ngaphambi kokuthi adlulele kweZimnyama ngo-1998. Uke wadlala nakwiBafana Bafana.