ICAPE Town City ihlela ukusiza uLebogang Manyama ukuthola iziqu zokuqeqesha.
Emasontweni edlule amaCitizens amemezele ukuthi lo makadebona uzoba yiphini lomqeqeshi u-Eric Tinkler.
Lezi zindaba zivele ngemuva kokuthi ekupheleni kukaJuni, uManyama ememezele ukuthi amakhokho uwagaxa emgibeni ngenxa yokuhlushwa yidolo.
Ngemuva kokuthi iKaizer Chiefs imemezele ukuthi iyamdedela ekupheleni kwesizini ka-2021/22, uJohn Comitis ongusihlalo weCity, waveza ukuthi uyambuyisa kubona lo mdlali.
Akazange ayingene eyokuthi uhlushwa yidolo. Umsize izikhawu eziningi ekutheni kulashwe idolo lakhe.
Nokho kugcine kungalunganga, kwaphoqa ukuthi uManyama agcine eyekile ukudlala ibhola.
Ngemuva kokuthi uManyama ememezele ukuthi uyaliyeka ibhola, uComitis utshele leli phephadaba ukuthi uzomzamela umsebenzi kuyo iCity.
Akwethusanga uma sekuvela ukuthi usenikwe esokuba yiphini lomqeqeshi. Ubudlelwano balaba busuka ngo-2016 lapho uManyama agila izimanga esadlala kuyo iCity.
Waba umshayi magoli ovelele waphinde wakhala wemuka nomklomelo wePlayer of the Season. Ukuzimisela kwakhe kwamvulela amasango okusayina kwiKonyaspor yaseTurkey.
UComitis uveze ukuthi okwamanje uManyama akanazo iziqu zokuqeqesha. Uqhube wathi maduze bahlela ukumsiza ukuzithola.
"Sijabule kakhulu ngokuba nomuntu ofana noLebo eqenjini lethu. Ukuba khona kwakhe kwenze olukhulu ushintsho. Ungomunye wabantu abalazi ukusuka nokuhlala ibhola lakuleli. Maduze sizohlala phansi naye ukuphuma nempendulo yokuthi ngabe izifundo zokuqeqesha uzozenzela kuleli noma e-Europe. Sizomeseka kukho konke. Uma ethanda angaze afinyelele kweze-Uefa Pro Licence.
“Okuhle ngaye wukuthi uyaluqonda usikompilo lweqembu. Uyazi ukuthi yini elindelwe kuyena. Okunye okusijabulisayo wukuthi babambisene kahle nenhloko yabaqeqeshi. Empeleni uTinkler ungomunye owaphakamisa ukuthi uLebo asondezwe," kubeka uComitis.
Sikhuluma kanjena-nje lesi sikhulu, izinto kazihambi kahle eqenjini laso. Sekuphele imidlalo eyisithupha ilandelana linganqobi.
Kulesi sibalo kukhona nomdlalo elishaywe kuwo yiChiefs kwi-quarterfinal ye-MTN8.
Kweligcine ukuwudlala libambane ngeqanda ne-TS Galaxy kwi-DStv Premiership. Kweyisikhombisa yeligi lisanqobe emibili kuphela.
UComitis ukubeke kwacaca ukuthi nakuba imiphumela ibaphika kodwa usaphephile umsebenzi kaTinkler.
"Ngokwamaqhinga okudlala konke kusahamba kahle. Kwesinye isikhathi kumele kubhekwe izinga lokuzimisela kwabadlali enkundleni. Nenhlanhla uyayidinga emdlalweni kanobhutshuzwayo. Asithukile nakancane, lesi simo sizodlula maduze," kubeka uComitis.
NgoMgqibelo, amaCitizens azobhekana nomkhaya bawo iCape Town Spurs nayo ehleli ekugcineni. Idliwe kuyona yonke imidlalo eyisithupha kwiligi. Lo mdlalo uzoba eCape Town Stadium.