Kaizer Chiefs (0) 1
Sekhukhune United (0) 0
I-KAIZER Chiefs itakule umqeqeshi, uNasreddine Nabi, olakeni lwabalandeli abavivela umdlalo wabakhaya ne-Orlando Pirates ekuqaleni kwenyanga ezayo.
Amakhosi axebule iSekhukhune United emdlalweni weBetway Premiership eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, izolo ntambama. Igoli enqobe ngalo lishaywe nguMfundo Vilakazi usuyophela umdlalo.
IChiefs, ebiphuma esibhaxwini seLamontville Golden Arrows, idlale ngaphandle kukaNabi othole ikhadi elibomvu kowaBafana Bes’thende eThekwini. Izintambo bezibanjwe yiphini lakhe, uKalil Ben Youssef. Izinguquko bezigqamile esikimini seChiefs esiqale umdlalo kwazise iqalise abadlali abangajwayele ukudlala okukhona kubona uSamkelo Zwane noGeorge Matlou.
Ukuwina kweChiefs akubuzwa ukuthi kwehlise umthwalo kuNabi osenuka iqaqa kubalandeli baMakhosi futhi kubanika ithemba ngokufika kowePirates ngoFebhuari 1 benomgqigqo wokuwina. Lo mdlalo wabakhaya baseSoweto, yiwona uNabi azobuyela ngawo ebhentshini. Uzoqeda isigwebo semidlalo emibili uma iChiefs isibhekene neFree Agents emdlalweni weNedbank Cup Last 32 eFNB Stadium, eNasrec, ngeSonto.
KoweSekhukhune, iChiefs yiyona ebiphezulu ngomdlalo futhi yathola inqwaba yamathuba okubhakuzisa inethi. Ngendlela iChiefs ewathole ngayo amathuba bekumele ziye ekhefini ihamba phambili okungenani ngamagoli amabili.
Ngesikhathi kubonakala ukuthi igoli alitholakali, iChiefs yenze izinguquko, yafaka uRanga Chivaviro, Yusuf Maart noVilakazi. Lezi zinguquko zithele izithelo njengoba ibisihlasela ngamandla.
Igcine ivulekile imbobo ngomzuzu ka-86, uVilakazi evalela phakathi igoli okuyilona awine ngalo Amakhosi. Amaphuzu amathathu anyusele iChiefs endaweni yesihlanu ngamaphuzu angu-21 emidlalweni engu-14.
Ukwehlulwa kweBabina Noko eqede umdlalo ingasaphelele kulandela ukukhishwa ngekhadi elibomvu kukaVuyo Letlapa, kusho ukuphazamiseka komgqigqo walo leli qembu laseLimpopo ebeselinqobe imidlalo emithathu kwemine ebeseliyidlalile ngaphambi koweChiefs.