IKAIZER Chiefs ifuna uthuli umdlali wasemuva weRichards Bay FC, uLwandile Mabuya, njengoba isemkhankasweni wokuqinisa iqembu ngaphansi komqeqeshi, uNasreddine Nabi.
UMabuya (24), odle ngomjiko nokushoshela phambili kwesokudla, ngomunye wabadlali abagqamile kwiNatal Rich Boyz edonsa kanzima ngasemsileni we-log yeDStv Premiership. Nangesizini edlule uthathe amehlo abaningi eshaya into ecokeme emidlalweni yama-Play Offs egcine iyiwinile iBay, yasinda ezembeni.
Leli phephandaba lihoshe ngomthombo ukuthi iChiefs iyamfuna uMabuya futhi sezivuthiwe izingxoxo phakathi kwayo neBay.
“UMabuya ubheke kwiChiefs. Isikhulumile neBay kwavunyelwana ngakho konke. Lokhu kukhomba ukuthi iBay yeneme ngokubekwe etafuleni yiChiefs ngomdlali,” kusho umthombo.
Uma uMabuya ejoyina iChiefs, uzobanga ijezi nabadlali abahlukene okukhona kubona uReeve Frosler obuye adlale emuva kwesokunxele, Njabulo Blom obolekwe eqenjini lase-US, iSt Louis City, noDillan Solomons ohlushwa wukulimala.
Emasontweni adlule uNabi akakufihlanga ukuthi bafuna abadlali abazoqinisa ngabo iqembu ukuze kubuye izinsuku zenjabulo eNaturena. Ngempelasonto edlule emuva kokwehlulwa yiCape Towm City eKapa, uphinde wakugcizelela ukuthi baphume inqina yokuzingela abadlali, wathi uyazi ukuthi kuzoba nzima ukubathola kuleli windi langoJanuwari.
Ngaphandle kukaMabuya, kuvele nokuthi i-Orlando Pirates igaqele umgadli weBay, uYanela Mbuthuma. Kuthiwa eZimnyama seziyazisile iBay ngalokhu futhi sekuvunyelwene. UMbuthuma, owatholwa yiBay emqhudelwaneni iKabba Cup eminyakeni edlule, kuyaziwa ukuthi uyintandokazi yephini lomqeqeshi wePirates, uMandla Ncikazi. Lo mqeqeshi ngomunye wababembanga uMbuthuma emuva kokuthatha amehlo abaningi kwiKabba kodwa lo mgadli wagcina ehlwithwe yiBay.
Usihlalo weBay, uSifiso “Jomo” Biyela, uyivumile eyeChiefs noMabuya.
“Kuyiqiniso ukuthi iChiefs isithinte kaningi ngendaba kaMabuya kodwa akukho esakubeke etafuleni. Isikhulume nathi izikhawu ezimbalwa kodwa akulona iqiniso ukuthi sekuvunyelwene. Indaba kaMbuthuma nePirates angiyazi. Kusho ukuthi bakhona abafisa ukumbona eyidlalela kodwa okwamanje ayikaze isithinte,” kusho uBiyela.