Orlando Pirates (1) 2
Stellenbosch (0) 3
BASALE bejabhile abalandeli be-Orlando Pirates, abadele ukuhlala nemindeni yabo bayobuka bukhoma leli qembu labo lidedela amaphuzu amathathu seliwaphethe ngezandla emdlalweni weDStv Premiership, obuse-Orlando Stadium ngoLwesihlanu ebusuku.
Ezimnyama kuyiwe ekhefini zihamba phambili ngo 1-0 wephenathi kaThapelo Xoki. Kusanda kubuywa ekhefini zilandelise ngegoli lesibili elize no-Evidence Makgopa. Nokho kuthathe cishe imizuzu eyishumi ukuthi iStellies iphendule amatafula, yaqhulula amagoli amathathu, ashaywe isethenjwa u-Iqraam Rayners, Antonio van Wyk no-Andre de Jong abangene esiwombeni sesibili.
IStellies inqobe maqede yanyukela endaweni yesithathu ngamaphuzu awu-26, emidlalweni ewu-15.
Bekuwumdlalo wesi-11, ingawazi umpetshisi.
Iye kowangoLwesihlanu iphuma ekunqobeni isicoco seCarling Black Label Knockout emasontweni amabili edlule.
EZimnyama zehlikele kweyesihlanu, ngamaphuzu awu-25, kwewu-16.
Zishaywa nje abalandeli bazo bebelindele ukuthi zibageze amanxeba ngemuva kokubhaxatshulwa iSuperSport United ngo 3-1 kodlule weligi.
IPirates ibilithinta kangcono ibhola esiwombeni sokuqala, kubhoke uDeon Hotto, Karim Kimvuid, Patrick Maswanganyi, Thembinkosi Lorch ukusho abambalwa.
Ukushoshela phambili kwabadlali abafana noThapelo Xoli, Ndabayithethwa Ndlondlo kwenze abadlali beStellenbosch abanjengoDarrel Matsheke, Rayners, Sihle Nduli nabanye ngokuhlukana kwezindawo, batatazele.
Ngasohlangothini lwezivakashi awekho amabhola ayingozi avinjwe unozinti wePirates, uMelusi Buthelezi.
Esiwombeni sesibili konakale ngokuthi iStellies ifake u-Antonio van Wyk no-Andre de Jong owenze omkhulu umonakalo kweZimnyama.
IStellies iqalile yakha amathuba abonakalayo. Leli qembu likaSteve Barker bese lingasatatezeli litholana kangcono nokuholele emagolini angene ngomzuzu ka-69, 71 noka-77.
Ngenxa yemidlalo ye-African Cup of Nations (Afcon) eqala ngoJanuwari 11, e-Ivory Coast, imidlalo yeligi kuleli izoze ibuye ngoFebhuwari.
IPirates izobuya ngeChippa United, ngoFebhuwari 14, khona e-Orlando.
Ngenxa yokuthi iStellies ingompetha beCarling izodlala neCarling All Stars ngoJanuwari 6. Kwiligi iyoze idlale naMaZulu ekhaya ngoFebhuwari 13.