University of Pretoria (0) 1
Richards Bay FC (1) 1
IRICHARDS Bay ilahle ithuba lokubuyela ishishiliza kwiDStv Premieship ishayana ize ibukana ne-University of Pretoria emdlalweni wePSL Promotional Play-Offs eTuks Stadium, ePitoli, ngoMgqibelo ntambama.
IRichards bekudingeka iwunqobe lo mdlalo ukwenza isiqiniseko sokuthi iyodlala neBaroka FC kowokugcina ngoLwesithathu isiwuqedile umsebenzi, isidlalela nje ukuqedela le midlalo yokuhlunga.
I-University of Pretoria ikhombise ukuba yingozi uma ihlasela usanda kuqala umdlalo, njengoba kuyiyona ethole amathuba amaningi.
Ngomzuzu wesishiyagalombili, unozinti weBay, uSalim Magoola, uphebeze ibhola elibi ebelidudulwe nguThabang Sibanyoni obethwalise kanzima izitobha zakhe.
Nokho, ukwehluleka kweTuks ukusebenzisa amathuba, kuyenze yazithola isizisola ngenkathi uYamela Mbuthuma engqomfela phakathi ngekhanda ibhola ebeliyi-corner kick ebigotshwe nguSanele Barns ngomzuzu ka-38, okwenze zaya ekhefini iRichards Bay ihamba phambili ngo 1-0.
Emizuzwini embalwa nje zibuye ekhefini amaTuks athole igoli lokulinganisa ngomzuzu ka-47 ngesikhathi uKamogelo Pheeane engqofela phakathi ngekhanda igoli lokulinganisa ngemuva kwebhola ebeligotshwe nguTebogo Mohlamonyane kade kuyi-free kick ebiqhamuke ngasohlangothini lwesokonxele ngaphadle kwebhokisi.
Leli qembu laKwaZulu-Natal lizithola lidlala le midlalo yokuhlunga nje yingoba belisinde ngokulambisa ekugawulweni yizembe kwiPremiership liqeda endaweni ka-15 kwi-log ngesizini edlule ka-2023/24.
Kanti amaTuks abeqede endaweni yesibili kwi-log yeMotsepe Foundation Championship nokunike wona neBaroka ebiqede endaweni yesithathu ithuba lokuzama inhlanhla yokukhuphukela kwiPremiership ngokudlala kule midlalo.
IBay inethuba lokugcina lokubuyela kwiPremiership njengoba iyobhekana neBaroka ngoLwesithathu eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, ngo-3 ntambama.
IBay neTuks zibambene ngamaphuzu amahlanu, yize iRich Boyz kuyiyona ephezulu ngenxa yomehluko wamagoli, kanti iBaroka inamaphuzu amabili.
Lokhu kusho ukuthi iBay idinga iphuzu kwiBaroka ngoLwesithathu ukuqinisekisa ukubuyela kwayo kwiPremiership. IBaroka idinga ukunqoba ngamagoli amabili ukuze ibuyele kwiPremiership.
Ngakolunye uhlangothi futhi ukunqoba kweBaroka ngegoli elilodwa kuyofaka amaTuks kwiPremiership ngenxa yomehluko wamagoli phakathi kwala maqembu womathathu.