Senegal (0) 0
Banyana Banyana (2) 2
LENZE obekubhekwe ngumqeqeshi, uDesiree Ellis, iqembu lesizwe lebhola labesifazane, iBanyana Banyana, ngesikhathi liguqisa iSenegal ngo 2-0 emdlalweni wobungani obuseStade Lat Dior, eThies, ngoLwesibili ebusuku.
Amagoli womabili angene esiwombeni sokuqala eqhamuka ku-Amogelang Motau noNoxolo Cesane.
Ngemuva komdlalo wokuqala ophele zibambene ngo 1-1 enkundleni efanayo ngoMgqibelo, u-Ellis uthe ulindele ukuthi iqembu lakhe likhuphule amasokisi kowesibili uma selithole isikhathi esithe xaxa sokuzilolonga ndawonye.
Ushintshe abahlanu eqenjini elaqala emdlalweni wokuqala. Emuva ufake uLonathemba Mhlongo no-Asanda Hadebe ezikhaleni zikaTiisetso Makhubela noKarabo Dlhamini.
Esiswini kuqale uNicole Michael, Kholosa Biyana no-Amanda Mthandi, kwathi uLinda Motlhalo, Sinoxolo Cesane noSibulele Holweni baya ebhentshini.
Kulokhu iBanyana isheshe yakhombisa ukuthi izimisele ukuphatha umdlalo nokushaya igoli, yalithola ngomzuzu ka-14 nge-freekick kaMotau edlule odongeni yayobhajwa enethini.
Kuyiwe ekhefini iqembu lakuleli selihamba phambili ngamagoli amabili. UBiyana udlale iphasi ende esuka emuva, uCesane wasishiya sengathi simile isitobha seSenegal ngaphambi kokushaya ishodi elihamba phansi alizwe ngendaba unozinti.
Nangesiwombe sesibili iqembu lakuleli belihlasela kodwa iSenegal isivale ngci emuva.
Abadlali bakuleli basemuva bebehleleke kangcono, bengazivumeli izitha ukuthi zihlasele ngamabhola amade njengoba zenza emdlalweni kowokuqala.
Ngaphandle komphumela, u-Ellis kufanele ukuthi uzokujabulela ukuthi iqembu lakhe belihlangene kangcono, ikakhulukazi esiwombeni sesibili sekungene uMotlhalo, obelihlikihla ibhola esiswini, aphinde aliphakele ozakwabo.
Njengoba iqembu lakuleli lingakwazanga ukungena kuma-Olympic azoqala ngoJulayi eParis, eFrance, selizolinda isinqumo mayelana ne-Women's Africa Cup of Nations yanonyaka, lapho kufanele livikele khona isicoco elasinqoba ngo-2022.
Lo mqhudelwano kuhlelwe ukuthi uphinde udlalelwe eMorocco kodwa inhlangano eyengamele ibhola kwizwekazi i-Afrika, iCaf, ayikacacisi ukuthini uzodlalwa nini.