Bafana Bafana (0) 1
Namibia (1) 1
IBAFANA Bafana iyiqale ngebohlolo iHollywoodbets Cosafa Cup icazelana ngamaphuzu neNamibia emdlalweni ka-Group A izolo ebusuku, eKing Zwelithini Stadium, eMlaza.
Amagoli alo mdlalo ashaywe ngu-Elmo Kambindu elezivakashi noRowan Human kwelasekhaya.
Kuqapheleke ngemizuzu yokuqala engu-30 ukuthi isikimu seBafana esiqale umdlalo besigunyaziwe ukuba sidlale ngokukhululeka okuyinto abasheshe bayinaka nabalandeli okwenze umuzwa wenjabulo wakhuphuka nangaphandle kwenkundla.
Nakuba iBafana ibikhombisa izimpawu zokubonana kangcono emizuzwini yokuqala engu-15 kodwa bekuthi uma iNamibia ihlasela ngamandla kuvalwe amehlo ezintini zikaJethren Barr.
IBafana ibiligcina kuyo ibhola ngenhloso yokuzuma iNamibia ngejubane kodwa izivakashi bezihleli emuva nazo zilindele ukuthi kube yiBafana elahlayo.
Bekuchwaza uma libanjwa nguLesedi Kapinga kwiBafana kodwa bekuthi uma uWendell Rudah, ebashiya belele ngomjiko wakhe onejubane abeBafana, kube sengathi akukho balandeli enkundleni.
Kugcine kuyivunele izithelo lokhu iNamibia ephume ngejubane kade kuhlasela iBafana yazibeka ebuhleni ngengcwenga yegoli elingqofelwe enethini nguKambindu ngomzuzu ka-43.
Kucishe kwasha futhi ngomzuzu olandele lowo sekungena uRudah obezenzela ngasophondweni obekudlala kulo, uThembela Sikhakhane.
Inqwaba yezinguquko ezenziwe nguMorena Ramoreboli, ongumqeqeshi weBafana, zizithele ngokushesha izithelo njengoba uTshegofatso Mabasa akhele uHuman igoli lokulinganisa ngomzuzu ka-48.
UHuman noMabasa bangabanye babadlali abane uRamoreboli abashintshe zibuya ekhefini.
Yize bekuthembisa ukulinganisa kweBafana kodwa umdlalo ushone phansi emuva kokungena kwaleli goli kwaze kwaba uyaphela.
Namuhla kudlala iSeychelles neComoros ngo-3 ntambama nomkhulu weZambia neMalawi ngo-6.
*Khonamanjalo, Umvoti FC wethule ezinkundleni zokuxhumana njengomqeqeshi wawo omusha, u-Ayanda “Cobra” Dlamini.