UTAKU lwe-Royal AM olubangwa wukukweleta umthelisi (SARS) izizumbulu ezibalelwa ku-R40 million, seludale inhlekelele engakaze ibonakale emlandweni we-Premier Soccer League (PSL).
Izolo ntambama kuvele izindaba zokuthi ikomiti le-PSL lithathe isinqumo sokumisa yonke imidlalo ye-Royal AM.
IThwihli Thwahla (isiteketiso se-Royal AM) bekumele idlale umdlalo we-Betway Premiership ne-Orlando Pirates eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu, namuhla ngo-7.30 kusihlwa, bese ibhekana neMilford FC kowe-Nedbank Cup ngoMsombuluko. I-PSL isithe lutho eLuthela ngenxa yesibondane leli qembu elikuso no-SARS.
Le kilabhu kaShauwn ‘MaMkhize’ Mkhize kukhulunywa nje ingaphansi kweso lomlawuli, uJaco Venter, oqokwe yi-SARS ngenxa yezinkinga zentela ezibhekene nomnikazi wayo.
Izinkinga ze-Royal AM zigqanyiswe wukuhluleka wukuholela abadlali ngoDisemba.
Abadlali babe sebekhetha ukungayi ejimini kwaze kwahlehliswa umdlalo weligi okwakumele iwudlale ne-Chippa United ngasekuqaleni kwale nyanga.
Kubikwe ukuthi abadlali sebekhokheliwe kanti futhi bese beqalile ukuzilolonga. Kuleli sonto leli qembu lidalule ukuthi liwulungele umdlalo walo nePirates kodwa ngokwesitatimende se-PSL alizange likwazi ukuqinisekisa ukuthi kunjalo.
Isitatimende sePSL sithe: “NgoJanuwari 17, isigungu esiphezulu se-PSL saziswa ukuthi sizothola incwadi (evela kubaphathi beqembu kanye nomlawuli) eqinisekisa ukuthi izinkinga eziholele ekutheni iqembu lingakwazi ukumelana nezidingo zalo sezixazululiwe.
“Ayikho incwadi enjalo esike yafika, nokuphoqe ukuthi i-Exco iwumise umdlalo obuzoba phakathi kweRoyal AM ne-Orlando Pirates, neminye elandelayo yaleli qembu (eye-Betway Premiership neNedbank Cup) kuze kuxazululeke lolu daba.”
Kuhlelwe ukuthi i-Exco ihlangane futhi kusasa ukuze inikeze i-Royal AM ithuba lokwenaba ngalolu daba.
Abalandeli abaphawule ngaphansi kulolu daba ngesikhathi lufakwa enkundleni yokuxhumana, iFacebook, bakhale ngokuthi leli qembu seliphendule iligi yakuleli inhlekisa, nangezimali zalabo abebezohambela lo mdlalo esezizocwila.
“Kufanele wonke amaqembu abezodlala neRoyal AM aphiwe amaphuzu amathathu. Leli qembu seliyihlazo. Ngesizini edlule ngesikhathi iSwallows ihluleka ukufika emidlalweni amaqembu eyayizodlala nawo awathola amaphuzu,” ubhale kanje uPhumlani Ngubo.
Abanye bakhale ngemali abathenge ngayo amathikithi okubuka lo mdlalo, kanti uTumelo Clint uthe ubeseziqede zonke izinhlelo zokusuka eGoli azobuka lo mdlalo.
“Ngisendleleni ebheke eThekwini kuyimanje futhi sengize ngayikhokhela nendawo yokulala. Kuzokwenzekani ngalezi zindleko?”
Uma lesi sixakaxaka esiqhubekayo sesishaye abalandeli kusobala ukuthi senze okufanayo naseziteshini obekufanele sizakaze lo mdlalo kanye nabaxhasi, abenza izinhlelo belindele ukuthi umdlalo uzoqhubeka.
Kwenzeka lokhu nje, iRoyal AM yakhishwa emqhudelwaneni odlalwa ngabadlali abasebancane, i-DStv Diski Challenge, ngenxa yokuhluleka ukuhlanganisa isikwati. Lokhu kungenxa yokuthi ayivumelekile ukubhalisa abadlali abasha kulandela isigwebo eyasinikwa yinhlangano eyengamele ibhola emhlabeni, iFifa.
I-AM yashaywa ngalolu swazi ngenxa yokuthi ayizakhe iyikhiphe imali okwakufanele iyikhokhele owayengumdlali wayo, uSamir Nurkovic, kulandela ukunqanyulwa kwenkontileka yakhe.
Kwenzeka lokhu nje, i-DA ifuna kunqanyulwe ukuxhaswa kweqembu lebhola likasomabhizinisi uShauwn Mpisane, iRoyal AM nguMasipala waseMsunduzi.
Leli qembu lifuna lo masipala unqamule uxhaso luka-R27 million.
Ikhansela le-DA uMnuz Reggie Khanyile, lithe lifake isiphakamiso emkhandlwini sokuthi kuhoxiswe lolu xhaso.
UKhanyile uthe umasipala awukwazi ukuqhubeka uxhase iqembu elibhekene nabezomthetho ngezinsolo zokudoja ukukhokha intela.