UMA kukhulunywa ngeqembu lesizwe lase-Europe, eselibhekwe yisambane iminyaka, ngeminyaka emqhudelwaneni weNdebe yoMhlaba yeFifa, kushiwo iNetherlands.
Leli zwe lamaDutch selidlale amahlandla angu-11 koweNdebe yoMhlaba kusukela liqala ngo-1934, selifinyelele kwaze izikhawu ezintathu kowamanqamu okungu-1974, 1978 no-2010, kodwa libhekwa yisambane kuyona yonke imiqhudelwano.
Ngale kokufinyelela kowamanqamu, iNetherlands yodumo lwe-total football, seyifinyelele kowandulela owamanqamu amahlandla amabili, okungu-1998 no-2014.
Cishe bambalwa abathandi bebhola ababengawuvali umlomo ngesikwata seNetherlands, esaseivutha singabaselwe kweyeNdebe yoMhlaba ngo-2010. Kepha iqembu laphunyukwa yiqatha emlonyeni liguqiswa yiSpain kowamanqamu ngo 1-0 wegoli lika-Andreas Iniesta, esikhathini esengiziwe, eSoccer City, eGoli.
Kwaba ngesifanayo nango-2014 eBrazil, liholwa yingqwayingwayi kakaputeni nomgadli uRobin van Persie, lapho lakhishwa yi-Argentina ngo 4-2 sekukhahlelwa amaphenathi.
Lokhu kukhomba ukuthi leli qembu elahluleka ukuzibekisela indawo kwiNdebe yoMhlaba yango-2018 eyayidlalelwa eRussia, nakanjani emqhudelwaneni wanonyaka kumele likhiphe amangwevu likhombise ukuthi lisabalwa namaqembu ahlale ebhekiwe kulo mqhudelwano.
Ukunqoba iSenegal ngo 1-0 emdlalweni wokuvula weNdebe yoMhlaba eqhubekayo eQatar, kwiGroup A, akungatshazwa ukuthi kufana nesikhuthazi kwi-Oranje, okuyisiteketiso seNetherlands, ezovala nosokhaya iQatar ngoLwesibili ngo-5 ntambama, e-Al Bayt Stadium, e-Al Khor, eQatar.
Ngale kwalokho kubhekwe amava namangwevu ezihlabani zeqembu lamaDutch okubalwa isiqongqwane sasemuva nokaputeni uVirgil van Dijk, uFrenkie de Jong, noMemphis Depay.
UDepay (28), nguyena mgadli njengamanje ohamba phambili ngokugijima emidlalweni eminingi eqenjini, nasekushayeni amagoli.
Lo mgadli ogijima kwiBarcelona usedlale engu-83, washaya amagoli angu-42, kanti wayekhona nakoweNdebe yoMhlaba ka-2014.
Nakuba uVan Dijk (31) oyisethenjwa seLiverpool, edlala okokuqala kulo mqhudelwano kodwa awangatshazwa amava akhe futhi kulindelwe lukhulu kuye njengoba engukaputeni.
Ngakolunye uhlangothi, amava engwevu yomqeqeshi uLouis van Gaal, abhekiwe ngoba nguyena owayeqeqesha iqembu ngo-2014, ngesikhathi lifinyelela kowandulela owamanqamu.