Mamelodi Sundowns (2) 2
Mpheni Home Defenders (0) 0
KUFANELE ukuba balale bemamatheka abaxhasi beNedbank Cup ngokungena @MamelodiSundowns kuma-quarterfinal alo mqhudelwano kulandela ukwehlula kwayo iMpheni Home Defenders emdlalweni we-Last 16 ngeSonto ntambama, eLucas Moripe Stadium, ePitoli.
ISundowns ijoyina amaqembu athathwa njengamakhulu kuleli okuyiKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates kwasevele azibekisele indawo kwayisishiyagalombili asele kwiNedbank. Amanye amaqembu adlulele kuma-quarterfinal yiDurban City, Marumo Gallants, SuperSport United neStellenbosch. Akukacaci ngelizodlulela phambii phakathi kweRoyal AM, Milford neSekhukhune United.
Amaqembu azodudulana kuma-quarter final eKe Yona azoqhathwa namuhla ngo-6 ntambama emcimbini ohlelwe yiPremier Soccer League (PSL) eGoli.
Ngemuva komdlalo umqeqeshi weSundowns, uMiguel Cardoso, uthe akujabulelayo ukudlulela phambili.
“Ukuthola amagoli amabili asheshayo esiwombeni sokuqala kukhombe ukuthi sizoshaya inqwaba kodwa kwagcina kungenzekanga kwazise besingadlali sodwa,” kusho uCardoso kwiSuperSport.
“Ikhadi elibomvu likaMatthews lisiphazamisile kodwa kuningi ebesingakwenza kangcono esiwombeni sesibili. Kusemqoka nokho ukhumbula ukuthi abadlali abebesenkundleni baseqophelweni, yebo, kodwa abajwayele ukudlala ndawonye.”
Enkundleni, njengoba bekulindelekile, kube yiSundowns ewuqale ngamandla lo mdlalo yathola amagoli amabili ashaywe nguTashreeq Matthews noBathusi Aubaas ngaphambi kokuthi ziye ekhefini.
ISundowns iqede lo mdlalo ebibhekene kuwona naleli qembu le-ABC Motsepe League waseLimpopo, ingasaphelele kulandela ukukhishwa ngekhadi elibomvu kukaMatthews.
Ngaphandle kwala magoli iSundowns ikhonye zisuka yize kunezikhathi lapho ukuzethemba kakhulu kwayo kucishe kwayifaka enkingeni.
Umdlalo uqalwe yinqwaba yabadlali abangajwayele ukusuka nayo phansi (imidlalo) obekwenza kwesinye isikhathi kubukeke sengathi amaphasi awahlangani kahle.
Ngemuva kwethuba elihle eliyekwe u-Arthur Sales, uMathews uvule inkundla ngegoli alishaye phakathi ngesithende ngomzuzu wesishiyagalombili ngaphambi kokuthi u-Aubaas anamathisele elesibili ngeshodi alishaye esebhokisini ngomzuzu ka-27.
Amathuba awele iMpheni yize awazange asebenze ngaphandle kokushaya ipali seziyela ngasekupheleni kwesiwombe sokuqala kulandela iphutha lika-Aubaas noDenis Onyango obesezintini.
Ayiphelanga imizuzu emibili kwesesibili, uMatthews wakhishwa ngekhadi elibomvu kulandela ukuthola ikhadi lesibili eliphuzi.
Lokhu kukukhuphulile ukuzethemba kwiMpheni, yaqala yahlanganisa amaphasi yize ebegcina ngokungabi yingozi ku-Onyango.
Ngokuqaphela lokhu, umqeqeshi weSundowns uMiguel Cardoso, ufake uPeter Shalulile, Keanu Cupido obebonakala okokuqala edlubhe umfaniswano weSundowns noJayden Adams. Lokhu kunike iSundowns ithuba namandla okupholisa umdlalo sekungene noTeboho Mokoena. Yize iSundowns ibisikhombisa izimpawu zokuqina kodwa iMpheni ibilokhu izame njalo ukuthola elokubika ekhaya kwaze kwaba umdlalo uyaphela.