BATSHELWE ukuthi abehlise amaphaphu abalandeli beMamelodi Sundowns ngoRushine de Reuck, oshaye igoli lokuqala benqoba kwi-TS Galaxy kodwa wakhishwa ngohlaka khona lapho ngenxa yokushayeka kabi ekhanda.
Lingene ngomzuzu ka-11 igoli likaDe Reuck, iSundowns enwebele ngalo emaphuzwini angu-20 igebe esicongweni se-log yeDStv Premiership inqoba kwi-TS Galaxy ngo-2-1 eMbombela Stadium, ngoLwesibili ebusuku.
Bekungumdlalo ka-13 inqoba kulandelana kwiligi.
Ukubamba umoya ngesimo sikaDe Reuck okhishwe enkundleni ngohlaka enganyakazi, yikhona kuphela okone ubusuku babalandeli baleli qembu osekubona nengane ukuthi selikhale lemuka naso isicoco seligi.
Lesi sitobha seBafana Bafana singqofele enethini igoli lokuqala kodwa esikhundleni sokulijabulela, sashayeka phansi.
Emuva kokuxilongwa ngodokotela isikhathi eside kutholakale ukuthi uDe Reuck ushayeke ekhanda kwacima izibani ngesikhathi eshaya leli goli. Indawo yakhe ithathwe nguBrian Onyango.
URhulani Mokwena oyinhloko yabaqeqeshi kwiSundowns udwebe isithombe esethembisayo ngesimo sikaDe Reuck ngesikhathi ekhuluma nabezindaba esithangamini nabo eMbombela.
“Siyathembisa kakhulu isimo sikaDe Reuck kwazise usephapheme kodwa kusemqoka ukuncoma womabili amathimba odokotela ngokusukumela phezulu,” kusho uMokwena.
“Kungijabulisile ukumbona esezihambela emuva komdlalo kwaze kwavela nethuba lokumtshela ukuthi sijabule kangakanani ngegoli elimqoka asishayele lona.
“Uyaqonda ukuthi ukuphi futhi uyazi ukuthi umqoka kangakanani kuleli qembu ngakho-ke sineme ngesimo sakhe.
Elinye igoli leSundowns lishaywe nguPeter Shalulile, osebuyele ekuziholeni phambili ngamagoli ayisishiyagalombili embangweni wesicathulo segolide.
UCaleb Bimenyimana weKaizer Chiefs noBradley Grobler weSuperSport United bamlandela ngayisikhombisa.
ISundowns idlala neSekhukhune United ngoMgqibelo ntambama.
Inkulu impikiswano esuke ngeSundowns phakathi nesonto, inkakha yebhola yebhola laseMzansi uJabu Mhanganu ejoyina umshungu oyisola ngokubulala ibhola ezweni.