KUVELA izindaba zokuthi iqembu laseTanzania, iYoung Africans licuthele ukusayinisa uKhama Billiat ophelelwa inkontileka kwiKaizer Chiefs ekupheleni kwale sizini.
Isolezwe lithole ngomthombo osondelene naleli qembu elibuye libizwe ngeYanga ukuthi ithimba labaqeqeshi bayo eliholwa uNasreddine Nabi nomengameli, uHersi Said, baqale ukulandela uBilliat ngasekupheleni konyaka odlule.
Kuthiwa bajabule bafa uma bethola ukuthi inkontileka yakhe iphela ekusongweni kwesizini futhi kayikavuselelwa.
Leli qembu laseTanzania lisanda kushaya iMarumo Gallants yakuleli ngo-2-0 emlenzeni wokuqala owandulela owamanqamu eCaf Confederation Cup.
Ngokusho komthombo uma selizodlala owesibili kuleli ongoLwesithathu, izikhulu zalo zihlela ukuhlangana nezikhulu zeChiefs ukubhunga ngendaba kaBilliat.
UBilliat akadlali kwiChiefs kulezi zinsuku ngenxa yokulimala.
"Nakuba engadlali uBilliat kwiChiefs kodwa izikhulu zeYoung Africans zikholelwa ekutheni angavuka ame ngezinyawo zombili uma efika kuyo.
“Zizimisele ngokumthatha noma elimele. Vele imali kwiYoung Africans into engeyona inkinga. ETanzania iyona neSimba abadume ngokungagodoli nemali.
“Noma ngabe iChiefs iyayivuselela inkontileka yalo mdlali kazinankinga nokumthenga. Sekukuye uBilliat ukuthi uzimisele yini ngokufudukela eTanzania. Okuhle ngeligi yakhona ukuthi ikhula ngamandla futhi nemali yinhle," kubeka umthombo.
Leli phephandaba lixhumane no-Araf A Haj oyiphini likamengameli weYoung African, ongazange ayichithe eyokufuna lo mdlali odabuka eZimbabwe.
"Uwumdlali wezinga eliphezulu esingathanda ukuba naye eqenjini lethu. Siyamazi futhi siyazi ukuthi iyaphela inkontileka yakhe. Nokho usengumdlali weChiefs, kumele sikuhloniphe lokho. Ukusayinisa abadlali nezinhlelo zesizini ezayo sizokubhunga uma sesiqede isizini.
“Okwamanje sigxile kule midlalo emithathu esele neyeCaf Confederation Cup," kubeka uHaj okholwa wukuthi eminyakeni embalwa ezayo iligi yabo izoba ngenye ephambili futhi nemali.
UBilliat ufike kwiChiefs ngo-2018 ephuma kwiMamelodi Sundowns abe nesikhathi esihle kuyo enqoba izindebe okukhona iCaf Champions League neligi.
KwiChiefs inkontilela yakhe inombandela wokuvuselelwa ngesizini eyodwa. Kule sizini uhlushwe kakhulu wukulimala waze wahlinzwa.
Udlale eyisishiyagalolunye kuphela yeligi nemibili yeMTN 8.
Selokhu efikile eNaturena useshaye amagoli awu-24, emidlalweni ewu-125.
Njengamanje iYoung Africans isendaweni yokuqala kwiTanzanian Premier League ngamaphuzu awu-71 emidlalweni ewu-27.
Uma inqobile ngoMgqibelo kwiDodoma Jiji izoba ngompetha beligi.
Izimbangi zayo ezinkulu iSimba zikweyesibili ngawu-64, emidlalweni eyisibalo esifanayo.
Imenenja yeChiefs uBobby Motaung ayitholakalanga ocingweni izolo. Ithunyelelwe imibuzo mayelana nezinhlelo zabo ngoBilliat kodwa kwashaya isikhathi sokushicilela ingakaphenduli.