Ecuador (0) 1
Senegal (1) 2
ISENEGAL iqhubekile nokukhanya njengesibani se-Afrika ngesikhathi izibekisela indawo kwi-Last 16 yeNdebe yoMhlaba yaseQatar ngokunqoba kwi-Ecuador emdlalweni ka-Group A ngoLwesibili ntambama, eKhalifa International Stadium, e-Al Rayyan, eDoha.
Amagoli okunqobe ngawo iSenegal ashaywe u-Ismaila Sarr nokaputeni uKalidou Koulibaly kwathi ele-Ecuador labekwa enethini uMoises Caicedo.
Umdlalo ukhombise zisuka ukuthi ubumqoka kuwona womabili amazwe kwazise iSenegal ibiphoqelekile ukunqoba ukuze idlule. I-Ecuador ibimelwe ukugwema ukwehlula ukuze kube yiyona ewelele esigabeni somkhulujezi.
Bekumeke u-Idrissa Gueye ayibeke ebuhleni ngomzuu wesithathu iSenegal kodwa wangalisebenzisa ithuba elihle alithole ngesikhathi besabanda abase-Ecuador eze kulo mdlalo inamaphuzu amane.
Kwimizuzu engu-20 yokuqala iSenegal iyona ebibonana kangcono futhi umdlalo ubusengxenyeni enkulu ye-Ecuador.
Ukushaywa iNetherlands ngaphambi kokunqoba kwiQatar kwenze iSenegal engompetha base-Afrika, yafika kulo mdlalo idinga amaphuzu agcwele hhayi okunye.
Nakuba umdlalo ubugxile ngasemapalini e-Ecuador, leli qembu lesizwe elishaye iQatar labambana neNetherlands, bekuthi uma liphuma ngejubane buhlale obala ubungozi balo liholwa u-Ener Valencia.
Uhambe wehla umgqigqo la maqembu aqale ngawo seziyela maphakathi nesiwombe sokuqala kwaze kwafika emizuzwini yaso (isiwombe) yokugcina lapho, uPiero Hincapie, edlalise khona kabi uSarr kwavela iphenathi yeSenegal.
Ithathwe uyena uSarr wayibeka enethini ngomzuzu ka-45.
Njengoba bekulindelekile, i-Ecuador ibuye ngomfutho kwazise ibidinga igoli lokulunganisa ukuze uhambo lwayo luqhubeke kule Ndebe yoMhlaba.
Ngemuva kokucindezela isikhathi eside, uCaicedo uyibeke ebuhleni i-Ecuador ngesikhathi eshaya phakathi igoli lokulinganisa ngomzuzu ka-68 kade kuyikhona.
Kudlule imizuzu emibili, ukaputeni weLions of Teranga, uKoulibaly wayibuyisela endaweni yesibili kwi-log ka-Group A ngengcwenga yegoli alishaye kade kuyi-freekick.
Yize iSenegal ibibukeka ingekho engozini zikhona izikhathi lapho ibike ifike khona ezintini zika-Edouard Mendy, kuvalwe amehlo kwabebelandela leli qembu lesizwe lase-Afrika.
Ukugoloza kugcine kubasebenzele ompetha base-Afrika bezifaka kwi-Last 16 njengoba benza ngo-2002, lapho bagcine bebhajwe kuma-quarterfinal. Ngaleso sikhathi u-Aliou Cisse ongumqeqeshi weLions of Teranga, wayengukaputeni weqembu.
Komunye umdlalo ka-Group A, iNetherlands edle iqoqo ishaye iQatar ngo 2-0 khona izolo ntambama, e-Al-Bayt Stadium, ese-Al-Khor. Lo mphumela ubusiyikhipha ngempela iQatar kulo mqhudelwano. Ibe yiqembu lokuqala elingosokhaya elikhishwa linganqobanga nowokubika umdlalo.