NAKUBA begqugquzelekile ophromotha besifazane baKwaZulu-Natal (KZN) ngokufakwa eminxeni yama-BSA Boxing Awards kodwa bakhathazekile ngokuqhubeka ngabakubiza ngokweyiwa esibhakeleni sakuleli.
Emasontweni edlule, eThekwini, iBoxing South Africa (BSA) yethule iminxa yabazoqhudelana kulo mcimbi ozoba ngoJuni 30, e-Inkosi Albert Luthuli International Convention Centre.
Kube nokukhulu ukunengeka kwabase-KZN befakwa kwiminxa emithathu kuphela.
KoweFemale Fight of the Year bekufakwe impi kaThema Zuma noBathabile Ziqubu, koweFemale Prospect kwafakwa uNomusa Ngema waKwaMashu kwathi koweTrainer of the Year kwagaxwa igama likaBheki Mngomezulu.
Ngenxa yokungagculiseki ithimba lesibhakela lakulesi sifundazwe ebeliholwa nguZandile Malinga weStarline Boxing Promotions lifake isikhalazo kwi-BSA.
Akuphelanga sikhathi esingakanani kwase kwenziwa ushintsho.
Yilapho okube sekwengezwa ngegama leHle-Jobe Boxing Promotions neleMvelo Boxing Promotions kowe-Aspiring Promoter of the Year.
Kufakwe neleStarline kowePromoter of the Year.
Kuphinde kwengezwa nelikaSizwe Mthembu koweTrainer of the Year.
UZakhele Xaba weSolezwe ufakwe emunxeni weReporter of the Year.
UMalinga obuye abe ngusihlalo kwiNational Professional Boxing Promoters, utshele Isolezwe ukuthi kubuhlungu ukuthi kuze kwengezwa amagama abaKwaZulu-Natal kule minxa ngoba sebekhononda.
"Kwenzeka kanjani ukuthi sifakwe eminxeni emithathu kuphela ekubeni silele isithathu kuleli. Enyakeni wezimali okuphunywa kuwo senze imiqhudelwano ewu-14. Silandela iGauteng eyenze ewu-26. Kweyokuqala i-Eastern Cape eyenze ewu-27.
“Kufakwa abantu bakwezinye izifundazwe ekubeni bengenzanga lutho. Awubheke nje, uSizwe ubeshiyiwe ekubeni ekhiqize inqwaba yompetha. Kunzima kunjalo siyiKwaZulu-Natal sizoqhubeka nokuphakamisa isibhakela sakuleli," kubeka uMalinga.
Emunxeni wePromoter of the Year kukhona nesikhondlakhondla i-ESPN Africa Promotions ewuphiko lwenkampani yezokusakaza i-ESPN Inc yaseMelika.
UMalinga uthe usazibuza ukuthi bezizamela ngezimali zabo baqhathwe kanjani nalesi sikhondlakhondla. Uthe akangabazi ukuthi ukube ubengaboshelwe naso ubezodla ubhedu. Uzeseke ngokuthi wenze imiqhudelwano ebinezicoco ezicela eshumini. Kuzo kubalwa ezomhlaba, ezikazwelonke nezesifundazwe.
UHlengiwe Dladla weHle-Jobe uhambe emazwini kaMalinga.
"Ngiyazibuza ukuthi kungani beseya. Nakuba kunjalo sizoqhubeka nokusebenza kanzima. Kungijabulisile ukufakwa emunxeni we-Aspiring Promoter of the Year. Nakuba ngifika kulo mkhakha kusho ukuthi kuyabonakala engikwenzayo,“ kusho uDladla.
UMagcaba-Shezi, uthe: "Ngithi kozakwethu asingabanaki abaseyayo. Asiqhubeke nokusebenza kanzima. Noma singangabuya nandondo kodwa sesinqobile ngokufakwa kule minxa.“
Bobathathu labo phromotha babonge bancocoza kuMnyango wezeMidlalo ngokubeseka njalo.