KUQHILIKA izihlathi kubadlali nabasebenzi beTS Galaxy njengoba ukuthi bayitholile ingxenye yemali abebekweletwa yona yiqembu.
Ezinsukwini ezedlule Isolezwe libike izikhawu ngosizi lokungaholelwa kwabanye babadlali, abaqeqeshi nabasebenzi balo iqembu.
Lapha bekuhlanganisa nabaqeqeshi beqembu lamantombazane, iTS Galaxy Queens, abeDStv Diski Challenge, nabezinkululisa zalo.
Liphinde labika nangomhlangano obekukhona kuwo abadlali, uNjabulo Sukazi, oyimenenja yeqembu, inhloko yabaqeqeshi uSead Ramovic nabasebenzi bonkana beThe Rockets kubhungwa ngale nzukazikeyi.
Leli phephandaba linayo inkulumo eqoshiwe lapho abanye babadlali nabasebenzi bezwakala bekhala ngosihlalo waleli qembu, uTim Sukazi ngokungabazisi ukuthi kwenzekani.
Liphinde labika ngokuxoshwa kwabasebenzi ababili, okusolwa ukuthi yibo abapotshozele abezindaba inkulumo eqoshiwe.
Baxoshwe nguRamovic bengazelele kade besejimini neqembu.
Umthombo weSolezwe ulitshele ukuthi kunabasebenzi nabadlali abebengakaze bahole selokhu kuqale unyaka.
Uthe imali yabo bonke abebengaholile ingene ngoLwesine, kwathi eyabanye yangena ngoLwesihlanu.
"Kwabaningi le mali ngekaJanuwari njengoba bebengakaze bahole. Kuqhilika izidlathi kubantu. Nokho bahlalele ovalweni ukuthi bazoyithola yini ekaMashi.
Abakaziswa nokuthi bazoyithola nini eyezinye izinyanga. Ukhumbule ukuthi abanye basakweletwa ekaJanuwari nekaFebruwari wangonyaka odlule.
Asethembe ukuthi uSukazi uzobaqondisela bese isimo sibuyela kwesejwayelekile. Indaba yokungaholi ibahlukumeze kakhulu abantu," kubeka umthombo oveze ukuthi akucaci ukuthi bayitholile yini imali yabo abasebenzi ababili abaxoshiwe.
Kayiphumelelanga imizamo yokuthola uhlangothi lweTS Galaxy.
NgeSonto leli qembu lizokwamukela iRichards Bay, eMbombela Stadium ngo-3.30 ntambama.
Lisendaweni yesishiyagalolunye ngamaphuzu awu-27 emidlalweni ewu-22.
Kweligcine ukuwudlala lishaywe iStellenbosch ngo-6-3 koweLast 16 Nedbank Cup. IBay esemanzini ngenxa yokushonelwa wobengomdlali wayo, uSiphamandla "Spepe" Mtolo, kuzomele ilwele ukunqoba njengoba sekuphele imidlalo eyisikhombisa inganqobi.
Empeleni seyishaywe kwemihlanu kulandelana. Kuhlanganisa noweLast 32 Nedbank Cup edliwe kuwo yiMamelodi Sundowns.
Nakuba leli qembu likaSifiso "omo" Biyela lingomakoti kodwa lihlale isikhathi eside namaqembu aphezulu. Kamuva nje izinto ziyalibhedela. Selehle laze layolala kweyesithupha, ngamaphuzu awu-31, kwewu-22.
,