ISIZINI ka-2022/2023 iqale kunethemba elikhulu ngokubuyisa isithunzi KwaZulu-Natal ngenxa yokuqala isizini igabe ngamaqembu amahlanu kwiDStv Premiership nokuyinto ejwayeleke eGauteng lapho zinoju khona.
Ukuqala kwesizini kweKZN ihlome ngaMaZulu FC, Maritbzurg United, Lamontville Golden Arrows, Richards Bay FC neRoyal AM kulinyusile ithemba lokuthi bangase baqede isizini benesicoco, okokuqala kusuka ngo-2009 Abafana Bes’thende abathathe ngawo iMTN8.
Isibalo esikhulu kangaka samaqembu sijwayeleke eGauteng kwazise ike yashaya ngamaqembu amathathu eTshwane (Mamelodi Sundowns, SuperSport United ne-University of Pretoria) nesibalo esifanayo eGoli (Orlando Pirates, Kaizer neBidvest Wits).
Uma uvunde ngalolu hlobo umhlaba eGauteng, zibuzwa khona izicoco kodwa akusabanga njalo eKZN. Okunalokho, ezesifundazwe sikaMthaniya esigabe ngohlaza ubusika nehlobo, zilengelwa yihlazo lezembe ngeMaritzburg naMaZulu, aqale isizini ethenjiwe ukwenza izinto ezibukwayo.
Usuku lwanamuhla luzoklama indima emqoka ekutheni isizini yamaqembu aseKZN ixoxwa kanjani kwazise mathathu amaqembu ayo, aya enkundleni.
Usuku luzovulwa yiRoyal AM esingatha iCape Town City eChatsworth Stadium, eseNtshonalanga yeTheku ngo-3 ntambama.
Kuzolandela i-Arrows evakashela iStellenbosch FC eDanie Craven Stadium, eKapa ngo-5.30 ntambama.
AmaZulu azovala usuku ngokusingatha iSekhukhune United eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngo-8 ebusuku.
Usuthu lungena emidlalweni yangempelasonto luhluke ngephuzu elilodwa kuphela emaqenjini asesiyingini sezembe kwazise anangu-29 ekubeni iMarumo Gallantes esemuva kwabo iphethe angu-28.
Lokhu kuyihlazo eqenjini elidlale kowamanqamu weMTN8 ekuqaleni kwesizini.
Nokho-ke, usizi lwabo lugqama ekutheni bashintshe abaqeqeshi kathathu kule sizini ekubeni kwamabili edlule beqede endaweni yesibili kwilog nokubafake okokuqala kwiCaf Champions League.
*Usuthu lulwela ukusindisa isithunzi seKZN ngokuthi ingabi namaqembu amabili ezembeni.
Umdlalo kodwa okulindelwe ugugise utshani ngoweStellies naBafana Bes’thende kwazise kuhlangana amaqembu abelethene emhlane kwilog nalinganayo emaphuzwini angu-33.
*I-Arrows ilwela ukusindisa iKZN ngokuthi ibalwe kwiTop8 ekupheleni kwesizini.
IRoyal isendaweni yesishiyagalolunye kwilog kodwa iCape Town City ezobhekana nayo namuhla, iyishiya ngamaphuzu amabili kuphela yize isendaweni yesihlanu.
*Impi yeRoyal iyefana neye-Arrows, abalandela nayo kwilog) kwazise bobabili balwela ukuvikela isithunzi sesifundazwe ngeTop 8.