XOLILE MPISANE
ATHEMBISA ukuthatha akufunde kwiCaf Women’s Champions League eMorocco yize ehlulekile ukudlulela esigabeni somkhumulajezi amaqembu akuleli, i-University of Western Cape neMamelodi Sundowns Ladies.
I-UWC ebiqala ukudlala kulo mqhudelwano, ilale isithathu kuGroup A ngamaphuzu amathathu. Inqotshwe osokhaya, i-AS Far Rabat ngo 3-1 emdlalweni wesithathu ebidinga ukuwunqoba ngoMgqibelo.
Leli qembu belivule lo mqhudelwano ngokushaywa yiTP Mazembe ngo 2-0, labuya kowesibili laguqisa i-Aigles de la Medina yaseSenegal.
Umqeqeshi, uThinasonke Mbuli, uthe nakuba besheshe bawashiswa ijezi kodwa kuningi abakufundile.
“Ngiyaziqhenya kakhulu. Omunye umuntu angazibuza ukuthi kungani ngiziqhenya ngemuva kokuhlulwa kodwa bekungokokuqala ngqa kulo mqhudelwano ukuthi iqembu lami lidlale ngendlela eliziqeqesha ngayo. Sidlale ngaphandle kokwesaba, besiwuphethe umdlalo, sakha amathuba amaningi kunabo,” kusho uMbuli.
“Kodwa-ke bengazi ukuthi uma siqhubeka nokulahla amathuba, bazolithola elilodwa noma amabili bese bewuqeda umdlalo.
“Kunezinto ezinhle engingazithathe kulo mdlalo njengokuqunga isibindi sidlale ngendlela ye-UWC sibhekene nelinye lamaqembu ahamba phambili e-Afrika. Asiwutholanga umphumela ebesiwufuna kodwa kuningi esizobuyela nakho ekhaya.”
ISundowns ingene kulo mqhudelwano izovikela isicoco. Iyona ephakamise le ndebe ngo-2021 nango-2023, kanti ngo-2022 yanqotshwa yi-AS Far kowamanqamu.
Yize ifike naleso sipiliyoni kodwa ayiqalanga kahle inqotshwa yiFC Masar yase-Egypt ngo 1-0 kuGroup B. Ikwazile ukuvuka kowesibili yathela othulini iCBE FC yase-Ethiopia ngo 4-0.
Nayo ibidinga ukushaya i-Edo Queens yaseNigeria kowokugcina wamaqoqo futhi bekubukeka sengathi lokho kuzokwenzeka njengoba ibihamba phambili ngo 1-0 ingxenye enkulu yomdlalo. Nokho, kuyibhedele ekugcineni ivumela iQueens ukuthi ishaye amagoli amabili ngesikhathi esengeziwe sikanompempe.
“Ngicabanga ukuthi amantombazane awulwele lo mdlalo. Azinikele ngakho konke kodwa asizange simake kahle njengeqembu,” kusho umqeqeshi weSundowns Ladies, uJerry Tshabalala.
“Njalo uma silapha eMorocco siyahluleka ukuvikela isicoco sethu. Isifundo esibalulekile esisitholile kulo mqhudelwano wukuthi kufanele sizimisele zibekwa nje. Sifundile ukuthi imidlalo yomkhumulajezi ihlukile kweyeligi. Uma ungaqali kahle uzifaka ngaphansi kwengcindezi.”
Lawa maqembu asezobuyela ekhaya azoqedela imidlalo yeHollywoodbets Super League. I-UWC izobhekana ne-University of Fort Hare ngoDisemba 5, bese ivala neSundowns ngoDisemba 8.
Yomibili le midlalo ngeke ibe nomthelela njengoba sekuqinisekisiwe ukuthi iSundowns ingompetha beSuper League nokuthi i-UWC izophinde iqede endaweni yesibili.
IChampions League izoqhubeka kusasa, i-Edo Queens izobhekana ne-TP Mazembe kowokuqala owandulela owamanqamu ngo-5 ntambama, i-AS Far igadulisane neFC Masar kowesibili ngo-8 ebusuku.