USIHLALO weMaritzburg United, uFarouk Kadodia, uveza ukuthi akanayo imali yamabhonasi angayinika abadlali ngenhloso yokubagqugquzela ukuthi bagweme ukugencwa yizembe kwiDStv Premiership.
Izinto azizinhle neze kuleli qembu laseMphithi njengoba lisendaweni yokugcina ngamaphuzu awu-24 njengoba sekusele imidlalo emihlanu kusongwe iligi.
Emasontweni edlule, iTeam of Choice ihlula iTS Galaxy kubuye ithemba kubalandeli bayo nakubantu baKwaZulu-Natal.
Nokho kwegcine ukuwudlala, ishaywa iSekhukhune United ziphinde zehla iziqhomo. Ekuqaleni kwesizini ibe nkulu injabulo kulesi sifundazwe njengoba sinamaqembu amahlanu edlala esigabeni esikhulu. Abalandeli namaqembu bonge enkulu imali yezindleko zokuhambela imidlalo
Ngokujwayelekile, uma isimo sisibi kanjena izikhulu zamaqembu ziye zinike abadlali amabhonasi ngenhloso yokubanika umfutho. Isibonelo nje, leli phephandaba lithole ukuthi ngesizini edlule, uTim Sukazi ongumnikazi weTS Galaxy wathembisa ukunika umdlali ngamunye uR10 000 ngaphambi kokudlala neChippa United emdlalweni okwakungowokugcina.
Ngempela kulo mdlalo owawuphethe ikusasa lamaRockets kwiDStv Premiership, abafana bakhe banqoba ngo-2-1.
Kuvela nokuthi yiwo amabhonasi abuyisele iChippa United kwiDStv Premiership ngesikhathi idlala kweyokuhlunga njengoba nabo babethenjisiwe uma beyinqoba le midlalo.
Leli phephendaba libuza uKadodia ukuthi unazo yini izinhlelo zokugqugquzela abadlali bakhe ngamabhonasi, uthe: "Angithandi ukuveza izinhlelo zeqembu kwabezindaba. Nakuba kunjalo, abadlali bethu ngeke banikwe amabhonasi. Imali anginayo. Okuhle ukuthi nabo bayazi ukuthi kubaluleke kanjani ukuthi basindise iqembu ezembeni.“
NgoLwesihlanu, iTeam of Choice ecijwa uFadlu Davids, izobhekana nomkhaya bayo, iRichards Bay, eHarry Gwala Stadium.
NakwiBay izinto azizinhle njengoba seyishaywe kulandelana emidlalweni eyisishiyagalombili. UKadodia uthe kuyabaphoqa ukunqoba njengoba bezodlala neBay.
"Nakuba yonke imidlalo esisalele ibalulekile kodwa konke kuzoqala koweBay. Ukunqoba kuyo kuzosicacisela okuningi. Namanje ngisasho ukuthi asiyi ehlathini. Ngiyabathemba abadlali nabaqeqeshi bami, bazosivikisa izembe," kubeka uKadodia obezwakala ekhululekile.
Nangesizini edlule, iMaritzburg ibivika izembe. Iqede kweyesi-13. Kweka-2019/20, ilale kweyesikhombisa kwathi kweka-2018/19, yabuya emidlalweni yokuhlunga. Kwenzeka lokhu kweka-2017/18, yayiqede kweyesine.
Kweka-2016/17, yayenze kahle nakhona njengoba yayiqeda ikweyesikhombisa.
Kweka-2015/16, yaphunyula emlonyeni wengwenya njengoba yaqeda kunombolo-14.