UKUNGAPHUMELI obala kwaMaZulu FC, ngomqeqeshi ozothatha amatomu kuBrandon Truter amkhombe indlela ngoLwesine, kwenza sinyuke isibalo sabaqeqeshi abadume kwiKaizer Chiefs, abamataniswa neqembu laseThekwini.
Phakathi kwabaqeqeshi okukhulunywa ngabo kubalwa uSteve Komphela, okuyimanje uyibambe kwiMamelodi Sundowns njengobhuti wabaqeqeshi, uManqoba Mngqithi noRhulani Mokwena.
UKomphela uhlale iminyaka emithathu kwiChiefs phakathi kuka-2015 no-2018, lapho ayezama ukuliqala phansi iqembu ngabadlali abasebancane kanti usezigwaza ngowakhe kwabadala.
Nokho ushiye enegama elibi ngenxa yesomiso sezicoco iminyaka eyisikhombisa esihlasele iChiefs, siqale ngaphansi kobuholi bakhe. Okuhle ngaye nokungasiza AmaZulu, wukuthi uyakwazi ukukhuza amasosha nokuwakhuthaza kanti ugabe ngokukhuluma kahle inqwaba yezilimi.
Omunye obalwayo ngu-Ernst Middendorp, osebenze amahlandla amabili kwiChiefs, 2005 - 2007 nango-2018 - 2020 lapho ecishe wanqoba iligi. UMiddendorp ngomunye wabaqeqeshi abanamava ayindathane ngoba uqale ukukhomanda ibhentshi ngo-1987 ngakubo eGermany.
Ubeqala ukusebenza eNingizimu Afrika, ngokucija iChiefs. Okubi ngaye nje wukuthi yize enamava anele nokuqonda kahle ibhola laseNingizimu Afrika, futhi useke wacija iMaritzburg United, Chippa United, Bloemfontein Celtic neLamontville Golden Arrows kodwa akakaze ayinqobe iligi.
Useke wabonakala kule sizini ethamele imidlalo embalwa yoSuthu nokwashiya imibuzo engaphanduleki ngoba uTruter ubesekhona. ENingizimu Afrika kuvamisile ukuthi uma umqeqeshi ebonakala emidlalweni yeqembu elithile, ekubeni engasebenzi ndawo kwenze inkukhu iwusole umgqakazo.
Elinye igama elithintekayo ngelikaStuart Baxter, oseyiqeqeshe kabili iChiefs.
Lo mqeqeshi wase-United Kingdom, ufike okokuqala kuleli ezocija iBafana Bafana ngo-2004 kanti iChiefs uyicije okokuqala ngo-2012 - 2015 nango-2021 - 2022.
Ihlandla lakhe lokuqala kwiChiefs yilo elimkhulumelayo ngoba lavusa inqwaba yezilomo kwagqama nesandla sokuba nguthish’omkhulu enkanjini yeMakhosi.
Elesibili kodwa liyinto okungangatshazwa ukuthi ufisa ngisho ukuyicisha emlandweni wakhe ngoba kwadingeka ukuba ashiye kungakabi yisikhathi sokuphela kwesivumelwano ngenxa yokuphikwa yimiphumela emihle.
UBaxter noMiddendorp abaqeqeshi ndawo njengamanje nokwenza babesethubeni elingcono lokusebenza kuMaZulu. Kanti elinye igama okungenzeka ukuba usihlalo woSuthu uyalibheka ngelo mqeqeshi waseBelgium u-Adek Amrouche, onamava ayizintwala kulo msebenzi ngoba ubuye afundise abaqeqeshi ngaphansi kweFifa ne-Uefa.