UMQEQESHI weqembu lakuleli labesilisa lika-Under 20, uVela Khumalo, ulindele ukuthi ezakhe zivale emuva bese zihlohla amagoli uma sezibhekene neComoros kowokugcina wamaqoqo weCosafa ngoLwesithathu.
Umdlalo uzoqala ngo-3.30 ntambama eMavuso Stadium, eSwatini.
Amajita awuvule ngebatha umqhudelwano ngesikhathi equnjwa phansi yiMalawi ngo 2-0 emdlalweni wokuqala weGroup C ngoMgqibelo.
Noma kunjalo akwazile ukubuya eselandela ngemuva emdlalweni wesibili abhaxabula iNamibia ngo 5-2 ngoMsombuluko.
Kuleli qoqo kuqhwakele iComoros ngamaphuzu ayisithupha kulandela ukunqoba iNamibia ngo 1-0 neMalawi ngo 2-0. Amajita neMalawi babambene ngamaphuzu amathathu, emsileni kulale iNamibia ngeqanda.
"Kuhle ukuthi siyinqobile iNamibia. Besiwudinga lo mphumela ukuze sibuyise ukuzethemba. Siwuqale kabi umdlalo futhi angiqondi ukuthi kungani kwenzeka lokhu. Kwenzeka into efanayo sibhekene neMalawi emdlalweni odlule," kusho uKhumalo.
"Sijabule ngoba besiwudinga umphumela omuhle kodwa angeneme neze ngamagoli esiwangenisile. Emqhudelwaneni walolu hlobo awukwazi ukudedela amagoli amaningi kangaka.
"Kumele siqinise emuva kodwa siqhubeke nokuhlasela. Asethembe ukuthi uma sesibhekene neComoros kuzoba ngcono, sikwazi ukuvala bese sibenzisa amathuba ethu ngoba siyawathola."
Amaqembu azoqhwakela eqoqweni ngalinye azodlulela kweyandulela owamanqamu, ehambisana neqembu elilodwa elizolala isibili ngamaphuzu athe xaxa.
UKhumalo uthe kumele bazenzele umsebenzi ube lula ngokunqoba iComoros, yize kungeke kube lula njengoba ingakangenelwa goli emidlalweni emibili.
Amaqembu azongena kowamanqamu azozibekisela indawo kwi Africa Cup of Nations ka-Under 20 ezodlalelwa e-Egypt ngasekuqaleni konyaka ozayo.
Kulowo mqhudelwano amaqembu amane azofinyelela kweyandulela owamanqamu azomela izwekazi i-Afrika kwiNdebe yoMhlaba ezoba se-Indonesia, khona ngonyaka ozayo.
"Sekuyisikhathi sokushaya izibalo kodwa siyazi ukuthi sidinga ukushaya amagoli amabili noma ngaphezulu kodwa singangenelwa yigoli uma sesidlala neComoros.
“Kuzoba wumdlalo onzima kodwa sizozimisela sibone ukuthi lokho kuzosiyisa kuphi. Inhloso yethu ukufika kowamanqamu ukuze singene kwi-Afcon."
Komunye umdlalo weGroup C ozoba eSomhlolo Stadium ngo-3.30 ntambama kuzogadulisana iNamibia neMalawi.