IKAIZER Chiefs ibambe umoya ngonozinti, uFiacre Ntwari, olimale edlalela iqembu lesizwe ekuqaleni kwesonto.
UNtwari waseRwanda, ulimale edolweni wakhishwa ngomzuzu ka-69 ngesikhathi bebhekene neNigeria emdlalweni wokugcina kaGroup D wokuhlungela umqhudelwano i-Africa Cup of Nations (Afcon) e-Uyo, eNigeria.
Kulo mdlalo iRwanda ibuye isilandela ngemuva, yawina ngo 2-1. Nokho lokhu akuyisizanga ngalutho kwazise igcine ihlulekile ukuzibekisela indawo kwi-Afcon ezoba seMorocco ngo-2025.
Okhulumela iChiefs, uVina Maphosa, uthe abakazi ukuthi uNtwari ulimele kangakanani.
“Sizobuza ithimba lodokotela mayelana nabadlali abalimele ekupheleni kwesonto leFifa,” kusho uMaphosa.
Ukulimala kukaNtwari, osenyamanambana kubalandeli, kungenzeka kuzowuqala phansi umbango wejezi obekubukeka esewuwinile eqenjini. Selokhu kufike umqeqeshi omusha uNasreddine Nabi kwiChiefs, uNtwari usayidlale yonke imidlalo eNaturena phezu kokuba lena kuyisizini yakhe yokuqala efikile kuleli qembu.
Nokho ukungenelwa ngamagoli kwakhe sekumakhele isigcwagcwa kubalandeli. Ngaphambi kwekhefu leFifa, kade sebelimisa ngesihloko elokuthi sekumele kunikwe abanye ithuba.
Ukulimala kukaNtwari kubukeka kuzovulela ithuba abanye onozinti okunguBruce Bvuma noBrandon Peterson okuphele isizini edlule esenuka iqaqa kubalandeli baMakhosi ngenxa yamaphutha. Kukhona noBontle Molefe ongakaze alithole ithuba selokhu anyuselwa esikimini esikhulu.
UBvuma noPetersen badlalile ngokwehlukana emqhudelwaneni wosuku, iHome of Legends Cup, obudlalelwa eGqeberha ngempelasonto edlule. Ngesikhathi Amakhosi ehlula iLamontville Golden Arrows emdlalweni wokuqala wosuku, bekuvimbe uBvuma. UPetersen uvimbe kowamanqamu abehlule kuwona iMamelodi Sundowns sekukhahlelwa amaphenathi.
Kubantu abebengasayizwa indaba kaNtwari, kukhona nenkakha kanozinti weChiefs uWilliam Shongwe.
“IChiefs ayibuyise uBvuma ezintini zayo, nguyena ozoyisiza kule nkinga yokungenelwa ngamagoli. Angazi ukuthi yini le eyenza uNtwari ehlelwe yizinga kangaka. Ubenza kahle kwiTS Galaxy. Akazibonakalise ukuthi ungunozinti weqembu lesizwe. Uma ungumdlali wangaphandle kumele ube nethalente langempela. Inkinga ngoNtwari ungunozinti ofana nabanye bakuleli,” kusho uShongwe kwiSolezwe.