UMDLALI wasophondweni lwesokudla kuMaZulu FC, uMlondi Mbanjwa, uveze ukuthi uzimisele ngokulilwela ijezi ngaphansi kwethimba elisha labaqeqeshi ukuze afake isandla ekutheni iqembu lenze kahle kule sizini.
UMbanjwa ojoyine AmaZulu ngesizini edlule esuka kuThongathi FC kwiMotsepe Foundation Championship, ubeshaya into ecokeme, elithola njalo ijezi waze wabizwa nakwiBafana Bafana.
Nakuba ekuqaleni kwale sizini eqale imidlalo emithathu ngaphansi komqeqeshi uPablo Franco Martin, oxoshwe ekupheleni kukaSepthemba, usadlale emithathu yeligi esuka ebhentshini, waqala owodwa womkhumulajezi ngaphansi komqeqeshi u-Arthur Zwane noVusumuzi Vilakazi.
“Ngesizini edlule ngaphansi komqeqeshi uPablo angiyiqalanga imidlalo emithathu yokuqala yesizini, kodwa ngasebenza ngokuzikhandla ukulwela ukuba sesikimini esiqala umdlalo.
Ngakho-ke akungikhathazi nakancane ukuthi imidlalo emithathu ngisayiqale ngisuka ebhentshini ngoba lokho kusho khona ukuthi ithuba lami lokuba sesikimini esiqala imidlalo liyeza.
Engidinga nje ukukwenza wukuqhubeka nokusebenza ngokuzikhandla, ukuze ngigcine ngilitholile ithuba lami lokuqala umdlalo,” kusho uMbanjwa waseTshelimnyama, eMariannhill.
Uthe uyameseka umdlali abanga naye ijezi, uPule Ekstein, ngenxa yefomu yakhe enhle akuyona njengamanje.
“Ngiyazi ukuthi ithuba lami lizofika, yingakho ngimeseka uPule ngoba udlala kahle kakhulu njengamanje, ulenzela umsebenzi omuhle iqembu. Ngiyamkhuthaza, naye futhi uyangikhuthaza.”
AmaZulu azotholana phezulu neRoyal AM emdlalweni weBetway Premiership wabakhaya baKwaZulu-Natal, eKing Zwelithini Stadium, eMlaza ngoLwesihlanu ngo-7.30 ebusuku.
Usuthu luza kulo mdlalo nje lubuya esibhaxwini sika 1-0 olusithole kwi-TS Galaxy ngempelasonto. Ngaphambi kwalo mdlalo bese lunqobe imidlalo emibili ilandelana lushaya iChippa United neRichards Bay FC.
“Asijabule ngale ndawo esikuyona njengamanje kwi-log, ngakho nathi njengabadlali siyakhuluma sisodwa ngokubaluleka kokuthi sisebenze ukuze sisuse iqembu kule ndawo elikuyona njengamanje.
Okuyingakho lo mdlalo esiyowudlala neRoyal AM ukwebalulekile esiyoyidlala, nesizimisele ngokubuya namaphuzu kuyona.
Ngesizini edlule sabashaya ngo 3-0 emzuliswaneni wesibili, kowokuqala sadlala ngokulingana, saphinda sabashaya nakwiNedbank Cup.
Ngakho-ke sizoya kubona sinakho lokho kuzethemba kokuthi sisazophinda sibashaye futhi.”
Usuthu olusendaweni ka-14 lusalelwe yimidlalo emithathu ngaphambi kwekhefu lokuphela konyaka ukwenza isiqiniseko sokubuya ngoJanuwari sekwehle umthwalo.
Luzodlala ne-AM (ekhaya), Mamelodi Sundowns (ekhaya) neCape Town City (ekuhambeni) ngoDisemba 29.