UMBANGO wokukhuphukela ezweni loju (kwiDStv Premiership), uya ngokujiya emuva kokuthi iPolokwane City neCasric Stars abahlukaniswe yigoli esicongweni, beyinqobile ngokwehlukana imidlalo yabo yangempelasonto kwiMotsepe Foundation Championship.
EzikaDuncan Lechesa (iPolokwane), eziye kule mpelasonto edlule ziqhwakele kodwa ngesinqe esisodwa zinqobe kwiMagesi FC, kaClinton Larsen, ngo 1-0 wegoli uFrancis Baloyi, alinamathisele enethini esiwombeni sokuqala salo mdlalo obungoMgqibelo.
Iqembu elisha kulesi sigaba, iCasric, ebimelwe wukunqoba kumnyama kubomvu ngeSonto ukuqhubeka nokunamathela emhlane wePolokwane, inqobe ngo 2-1 kuThongathi FC.
Emuva kwemidlalo engu-16, iPolokwane neCasric banamaphuzu angu-33 kodwa umehluko yigoli elilodwa okusele ngalo iCasric.
Phakathi nesonto, iCape Town Spurs elokhu iwaqoqe njalo amaphuzu inqobe ngo 2-0 kuThongathi.
Elinye lamagoli bekungelokuqala lesizini likaBoitumelo Radiopane, emboleke kwi-Orlando Pirates (abegila kuyo izimanga kwiDiski Challenge, DDC).
Lo bekungomunye wemidlalo leli qembu eliholwa nguShaun Bartlett, elisele ngayo.
IPlatinum City Rovers neHungry Lions FC bashayane baze babukana ngoLwesihlanu kungekho obona ngalapho kugxunyekwe ngakhona amapali.
Ngosuku olufanayo, iTshakhuma Tsha Madzivhandila (TTM), iphinde yalahla amaphuzu ishaywa yiVenda Football Club ngo 2-1.
Amagoli okunqobe ngawo iVenda ashaywe nguKgothatso Mariba noRotunda Mutsivhuli, elokubika ekhaya lashaywa, ngu-Issa Saar.
Impelasonto iqale ngokuthi iLa Masia ibuye sekuvalwe amehlo ukulinganisa kwiJDR Stars abacazelane nayo ngamaphuzu kuba ngu 1-1.
USiphelele “Stashi” Ntshangase wodumo kwiKaizer Chiefs ushayele iBlack Leopards elinye lamagoli ebambane ngawo ngo 2-2 ne-University of Pretoria (AmaTuks).
Ugcine umile umgqigqo wamawini kwiPretoria Callies ebambane neBaroka FC ngo 1-1.
*Cape Town Spur ?-? All Stars FC .