USAHLALELE ethembeni ngokuthola iqembu kwiDStv Premiership uNtsikelelo Nyauza ochithwe yiRichards Bay FC ekupheleni kwesizini edlule.
UNyauza (33), oyibamba maphakathi emuva, ujoyine iNatal Rich Boyz esuka kwi-Orlando Pirates ekuqaleni kwesizini ka-2022/2023.
Udlale imidlalo yeligi engu-22, wayishaya kanye inethi. Nokho iBay inqume ukungayivuseleli inkontileka yakhe. UNyauza ubalwa nenqwaba yabadlali bePremiership abanesipiliyoni abajika nelanga phezu kokuba isiqalile isizini ka-2023/2024.
"Okwamanje kuthulekile, ngisabheka. Nginethemba lokuthi sizofika isikhathi. Okwamanje amaqembu asazibona egawule kahle. Awakaboni ukuthi kukhona lapho eshoda khona. Ngiyathemba ukuthi kukhona okuzovela ngokuhamba kwesikhathi. Kufanele ngibekezele," kusho uNyauza.
UNyauza njengoba lingekho iqembu anenkontileka nalo angasayina noma yinini kwelisha.
"Ngokwami, ngizizwa ngisengawadlala amasizini amabili. Emuva kwalokho ngiyaliyeka ibhola. Ngifuna ukuzikhandla kakhulu kula amasizini amabili, ngikhiphe konke enginakho, ngivalelise kahle ebholeni. Ngiqale kahle ebholeni futhi ngifuna ukuyivala kahle. Kuhle ukuthi into ebiyiphupho lakho uyiqale kahle futhi uyiphethe kahle. Angisabhekile ukuhola izizumbulu zemali. Engikufunayo wukuba senkundleni kuphela. NakwiRichards Bay angifunanga imali enkulu."
Ngaphandle kukaNyauza, abanye abadlali abayibamba maphakathi emuva asebephenduke ondingasithebeni ngu-Alfred Ndengane ohlukane neMaritzburg United emuva kokugawulwa yizembe kwaleli qembu ekupheleni kwesizini edlule. Omunye nguTrevor Mathiane osathungatha iqembu kulandela ukuxoshwa kwakhe yiChippa United emasontweni adlule.
Bobathathu baneminyaka engaphezu kuka-30 yobudala. Kuyaziwa ukuthi amaqembu ePremiership awayizwa eyabadlali asebekule minyaka.
"Uma ungumdlali wasemuva, uvuthwa uma usungaphezu kuka-30. Akufani nabadlali abahlaselayo abadinga ijubane ngoba liyancipha. Emuva alidingeki kangako ijubane. Udinga ubuhlakani nokukwazi ukufunda umdlalo. Angikholwa ukuthi iminyaka yobudala iyaphazamisa. Ayisho lutho. Okubalulekile okwenza enkundleni, ukuthi udlala kanjani. Okumqoka wukuthi iqembu liyawina futhi alingenelwa ngamagoli," kusho uNyauza.